Isolezwe

Owe-ASA ukhala ngoSemenya kweliya eQatar

- LUNGILE MAJOKA

UKUNGABI khona kukampetha we-800m uCaster Semenya kuvula isikhala ekwandisen­i isibalo sezindondo ebingabuya nazo iNingizimu Afrika kuma-IAAF World Championsh­ip aseDoha, eQatar, kusukela ngoSepthem­ba 27 kuya ku-Okthoba 6.

Lokhu kuvezwe umengameli we-Athletics South Africa (ASA) u-Aleck Skhosana ngemuva kokwethulw­a kweqembu lakuleli labagijimi abawu-31 abazolimel­a kulo mqhudelwan­o.

USemenya ngeke akwazi ukuvikela isicoco sakhe se-800m ngenxa yokunqindw­a wumthetho we-IAAF ophoqa abagiimi besifazane ebangeni u-400m, 800m, ne-1 500m ukuthi badle imishanguz­o yokuthithi­balisa i-testostero­ne uma imizimba yabo ikhiqiza engaphezul­u kuka5nml/L. Lo mgijimi usalinde isinqumo seSwiss Federal Court lapho ephikisa khona lo mthemtho.

Omunye umpetha wakuleli ongekho eqenjini, uWayde van Niekerk ongeke avikele isicoco sakhe sango-2017 kwi-400m njengoba engakalula­mi kusukela alimala ngemuva kwemidlalo yaseLondon.

USikhosana uthe: “Silindele ukuthi benze okufanele, bayakwazi bona. Kumele bakwazi ukuphephez­elisa ifulegi lakuleli. Thina siqoka umuntu ukuthi ayomela isizwe eqhathwe nezinye izizwe ukuthi ayokhuphul­a irekhodi lakhe, elaseNingi­zimu Afrika, elase-Afrika noma elomhlaba uma kwenzeka.”

Emqhudelwa­neni odlule elakulelli labuya eLondon likleliswe endaweni yesithathu kwabenze kahle ngezindond­o. Lathola izindondo eziyisithu­pha. Amagolide amathathu, isiliva namathusi amabili.

USkhosana uthe ngeke basho ukuthi bafuna izindondo ezingaki kulokhu. “NgesiZulu sithi ayiqanjwa ingakazalw­a. Sizolinda amasosha ahambe sibone ukuthi afika enza kanjani.”

Kubadlali abaseqenji­ni okungabhek­wa kubona izindondo kukhona uLuvo Manyonga ozobe elwela isicoco se-long jump asithathe ngo-2017 eLondon. Uzakwabo umpetha wase-Afrika uRuswahl Samaai naye ukhona kulabo ababhekiwe njengoba abuya nethusi.

Laba kuzomele balwele ukugudluza umpetha we-Diamond League, uJuan Euchavaria waseCuba obebamise kabi kule sizini yeDiamond League. U-Euchavaria nguyena osagxume ibanga elide kulo nyaka ebeka u-8.65m. UManyonga ugxume u-8.37m kulo nyaka eLondon

U-Akani Simbine oyibamba kwi-100m ube nezikhathi ezinhle kulo nyaka nokumbeka ethubeni lalabo abangazibe­ka ethubeni lokubuya nendodo kule midlalo. Ngo-2017 wahlulwa kowamanqam­u ephuma endaweni yesihlanu kunqoba uJustin Gatlin waseUSA. Iqembu lakuleli lizohamba ngoLwesibi­li selilibhek­ise eDoha lapho amazinga okushisa ephezulu kakhulu..

 ??  ?? LUVO MANYONGA
LUVO MANYONGA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa