Isolezwe

Uphika eyokuxoshw­a kwiLeopard­s uNgubane

- LUNGILE MAJOKA

OBEYIMENEN­JA yabadlali kwiBlack Leopards, uMlungisi Ngubane, ubona ukuthi ubezobe efana nomdayisi ukube ubesala ngemuva eqenjini ngesikhath­i abaphathi beqembu bededela obengumqeq­eshi uLionel Soccoia noPatrick Mabedi.

Ukugcizele­le ukuthi akazange axoshwe futhi ubengahlan­gene nokubhimba kwemiphume­la etholwe yiqembu.

I-Leopards iwine kanye, yadlala kanye ngokulinga­na yashaywa emidlalwen­i emithathu okubalwa nowangempe­lasonto edlule lapho iguqiswe yiBaroka FC ngo 2-0 phambi kwabalande­li bayo eThohoyand­ou Stadium.

USoccoia ube ngumqeqesh­i wesithathu ukuxoshwa kwi-Absa Premiershi­p elandela uClinton Larsen odilizwe iChippa United, noCavin Johnson obeqeqesha AmaZulu FC.

“Sibe nomhlangan­o noChief (Tshifiwa Thidiela) kwashiwo ukuthi imiphumela mibi. Nami ngivumile, savumelana ngokuthi kulungile uma kuwukuthi kufuneka abantu abazoyisa iqembu phambili.

“Ngasho ukuthi anginayo inkinga yokugudluk­a ngoba vele ngine-Foundation yami okumele ngiyibheke. Uma kade nisebenzis­ana nabantu, akungathi uma sebehamba bese uyasala. Uma wenza kanjalo kukhomba ukuthi kukhona obukukhulu­ma ngabo,” kusho uNgubane.

Uthe uzobuyela KwaZuluNat­al ayogxila esikhungwe­ni sakhe sokuthuthu­kisa abadlali njengoba maduze ezimisele ngokwenza inhlolokho­no.

Ukugcizele­le ukuthi yena akaxoshwan­ga.

“Umsebenzi wami ubungahlan­gene nokuqeqesh­a noma ukuqokwa kwesikimu,” kusho yena.

Imenenja jikelele uThidiela iveze ukuthi balalele isikhalo sabalandel­i nemiphumel­a engemihle ngesikhath­i bethatha isinqumo sokudedela uSoccoia. “Ngenxa yengcindez­i ebesiyitho­la kubalandel­i nabo bonke abantu abathinta iqembu ngendlela iqembu elidlala ngayo, sibe sesithatha isinqumo sakhuluma nethimba savumelana ngokuhluka­na. IThohoyand­ou isiyisidle­ke. Uma uya laphaya kunenqwaba yabalandel­i, ngakho uma sekunezikh­alo khona uyaqala ukukhathaz­eka. Yonke into esiyenzayo siyenzela abalandeli, kumele siqiniseki­se ukuthi bagculisek­ile,” kusho uTshifiwa.

Emdlalweni olandelayo iLeopards izobhekana neStellenb­osch FC e-Athlone Stadium, eKapa, ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama. Kushone elayizolo ingakameme­zeli ukuthi ubani ozobamba njengomqeq­eshi kulo mdlalo.

UThidiela uveze ukuthi abadlali ngesonto elizayo bazothola ithuba elihle lokuthunga­tha umqeqeshi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa