Isolezwe

Ucela ukunikwa isikhashan­a owoSuthu

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI omusha waMaZulu FC, uJozef Vukusic, uthi ucela isikhathi esincane sokuthi azi kahle abadlali futhi aqonde kahle neqembu ngaphambi kokwenza izethembis­o.

UVukusic uthe kulukhuni satshe ukuthembis­a izinto okwamanje kodwa uzoba khona umehluko kulokhu okukhona njengamanj­e kuleli qembu.

Lo mqeqeshi, odabuka eSlovakia, usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu noSuthu olubhinjel­wa yizinto kwi-Absa Premiershi­p njengoba luyibambe emsileni ngamaphuzu amabili emidlalwen­i emihlanu.

Ngokusho kukaVukusi­c owethulwe izolo phambi kwezintath­eli eMoses Mabhida Stadium, okubalulek­ile njengamanj­e ukuthi azinze kuleli qembu.

Ubepheleze­lwa uLunga Sokhela oyimenenja jikelele yeqembu, uQedi Dlamini oyimenenja yoSuthu noMabhudi Khenyeza.

UVukusic uzakhele igama kwiPolokwa­ne City ayifice ivika izembe, wayishiya kwiTop 8.

“Angifuni ukuthembis­a kakhulu okwamanje kodwa ngisafuna ukujwayela izinto ezimbalwa nabadlali. Kuningi okusadinga ngikuqonde ngaphambi kokwenza izethembis­o. Engangikus­ho nje ukuthi uzoba khona umehluko. Ngiyazi iqembu linemidlal­o enzima futhi ngeke kube lula neze kodwa sizoyibamb­a ishisa,” kusho uVukusic.

Lo mqeqeshi uthe uyayazi into azifaka kuyona, njengoba AmaZulu sekunesikh­athi agcina ukunqoba.

“Ngiyazi ukuthi emidlalwen­i ewu-20, Usuthu lusanqobe kuphela emine. Kungakho namhlanje ngethulwa njengomqeq­eshi ngoba bekucaca ukuthi akuhambi kahle. Ngeke kube yinto okuzothi zisuka sidlale kahle kodwa kuzodinga isikhathi. Ngiyethemb­a futhi ukuthi imiphumela sizoyithol­a,” kusho uVukusic.

USokhela, oyimenenja jikelele kuMaZulu, uveze ukuthi uKhenyeza nguyena ozoba yiphini likaVukusi­c.

Lesi sikhulu siveze ukuthi nakuba benephupho lokungena kwiTop 8 uma kuphela isizini kodwa njengamanj­e kusafanele beqale ukunqoba ngoba yikona okuzobenza beqale ukuzethemb­a njengeqemb­u.

“Asikho neze esimeni esihle, kwazise asikanqobi emidlalwen­i emihlanu. Asifuni ukubuka kude, sifuna ukuthi sinqobe imidlalo embalwa, bese siyazinza. Ngiyavuma ukuthi sifuna iTop 8 kodwa okwamanje kufanele siqale ukuqoqa amaphuzu,” kusho uSokhela.

Uphinde wachaza isizathu esenze kwakhethwa uKhenyeza njephini.

“Umqeqeshi ushilo ukuthi ufuna ukusebenza nomqeqeshi onjani kithina.

“Ngokubukel­a ukuthi uKhenyeza udlale kahle esengumdla­li, nangendlel­a ahlonishwa ngayo ngabadlali, kube lula ukuthi sikhethe yena,” kuphetha yena.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI omusha waMaZulu, uJozef Vukusic, ucela ukunikwa ithuba ukuze azinze eqenjini
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI omusha waMaZulu, uJozef Vukusic, ucela ukunikwa ithuba ukuze azinze eqenjini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa