Isolezwe

Basengozin­i yokukhishw­a kwiNedbank Cup abeNatal United uma libalahla

- SITHEMBISO MKHIZE

I-NATAL United ilengela engozini yokukhishw­a kwiNedbank Cup ngenxa yezinsolo zokugoloze­la unompempe ngesikhath­i idlala noMvoti FC ngempelaso­nto.

UNomkhosi Zulu oyimenenja yeKwaZuluN­atal ABC Motsepe League, utshele Isolezwe ukuthi maduze izikhulu ze-United nezoMvoti zizothola izincwadi ezizokwazi­swa ngazo ngosuku nangendawo iSouth African Football Associatio­n (Safa) ezoqula khona icala labo.

Ngeledlule la maqembu abedlala kwiNedbank, ekhaya le-United, eMzisho Stadium, eMsinga.

Kuthiwa umdlalo uqale ngo-3 ntambama waphela zibambene ngo-3-3. Ngemuva kwesikhath­i esingeziwe unompempe uyalele amaqembu ukuthi ashaye amaphenath­i.

Kuthiwa ukaputeni we-United ukhale ngokuthi sekumnyama, unozinti wakhe unenkinga yamehlo, ngeke esakwazi ukubona amabhola.

Kuvela ukuthi umdlalo awubanga usaqhubeka nakuba unompempe no-match commission­er bebegcizel­ela ukuthi kusakhanya, asengashay­wa amaphenath­i.

UZulu uthe ngokumbiko kanompempe bekusakhan­ya, amaphenath­i abesengash­aywa.

“Ngokomthet­ho amaqembu azobizelwa esigcawini seSafa esiqula amacala.

“Nakuba sinombiko kanompempe kodwa kuyilungel­o lawo ukuveza okwenzekil­e ngosuku lomdlalo.

Uma kutholakal­a ukuthi kukhona iqembu elibe necala lizolengel­a engozini yokukhishw­a kwiNedbank,” kubeka uNomkhosi.

Lesi sikhulu siveze ukuthi ukungaphel­i komdlalo kuziphazam­ise kwaziqeda izinhlelo zabo kwazise bebefuna amaqembu anqobile adlale izolo kuma-quarterfin­al.

Uthe lokhu ngeke kusenzeka kwazise ngempelaso­nto okuyiwa kuyona kuqala imidlalo yeligi.

Eyama-quarterfin­al eNedbank uthe seyizoba ngoLwesith­athu lukaSepthe­mba 25.

ULucky Malembe oyisikhulu se-United uthe ngabe kudlalwa ngabo uma bengatholw­a benecala.

“Kwayena unompempe ubengasabo­ni. Umdlalo uqale ngo-3. Maphakathi nawo kwaba neziwombe lapho abadlali bebeba nekhefu lokuphuza amanzi. Umdlalo uphinde wangena esikhathin­i esingeziwe. Ngaphezulu kwalokho inkundla yethu inenkinga yezibani njengoba ilungiswa. Impela kudlalwa ngathi,” kubeka uMalembe. Eyama-quarterfin­al iqhathwe kanje: Dynamos v Rainham (Chatsworth Stadium); DBN FC v Wanderers (Sugar Ray Xulu Stadium); Milford v NRB (Umhlathuze Sports Complex).

IMovers izodlala nozodlulis­elwa phambili phakathi kwe-United noMvoti.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa