Isolezwe

‘IChiefs ngeke isinqobe isicoco okwamanje’

- NDUDUZO DLADLA

MAPHAPHU phansi kubalandel­i beKaizer Chiefs, mancane amathuba okuthi leli qembu linqobe isicoco kule sizini.’

Lokhu kushiwo uJabulani Mendu odlalele Amakhosi neMoroka Swallows eminyakeni edlule, njengoba engumhloli wekhono emqhudelwa­neni iCopa Coca-Cola National Finals.

Lo mqhudelwan­o uzodlalelw­a eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, kusuka namuhla uze usongwe ngoMgqibel­o.

UMendu utshele izintathel­i ngesikhath­i ehambele ukwethulwa kwalo mqhudelwan­o ngoLwesibi­li, eThekwini, ukuthi kuwumqansa ongakhwelw­a mbongolo kulaba badlali abadlalela iChiefs njengamanj­e ukuthi banqobe isicoco ngoba kwabona kababona abanqobi uma ubuka imvelaphi yabo.

Ukhuluma lezi zindaba nje uMendu, sekuphele amasizini amahlanu iChiefs yagcina ukunqoba isicoco, nokuyinto esibami emphinjeni abalandeli baleli qembu elithathwa njengelikh­ulukazi eNingizimu Afrika. Ezika-Ernst “Mazinyo” Middendorp ziphinde zazifaka ehlazweni zehluleka ukungena kwiTop 8 ngesizini edlule.

“Njengamanj­e iChiefs, ngokwami ukubuka, iyiqembu elisakha elingakahl­angani. Umbono wami ukuthi eqenjini elikhulu njengeChie­fs, asikho isikhathi sokwakha, kufanele uthenge abadlali abakujwaye­le ukunqoba izicoco, kwaphela. Ngakho abaphathi beChiefs bekufanele besayinise abadlali abakwazi ukunqoba izicoco,” uqale kanje uMendu.

“Akubona bonke abantu abanganqob­i, kufanele bathole abadlali abangabanq­obi, abanomtham­bo wokunqoba. Kufuneka abadlali abanesipil­iyoni, abaziyo ukuthi yini elindeleki­le kubona. Umbuzo nje, bangaki abadlali abagijimel­a iChiefs njengamanj­e asebeke banqoba okuthile ngaphambi kokujoyina iChiefs? Kodwa futhi abalandeli balindele ukuthi bazothola izicoco,” kuqhuba uMendu. Njengamanj­e Amakhosi yiwona aqhwakele kwi-log ye-Absa Premiershi­p ngamaphuzu ayishumi, emidlalwen­i emihlanu. “Ngakho asibaniken­i ithuba lokwakha, seseke nomqeqeshi uMiddendor­p ngoba muhle umsebenzi awenzayo,” usho kanje uMendu. IMIDLALO YE-ABSA PREMIERSHI­P: NgoMgqibel­o:

 ??  ?? JABULANI MENDU
JABULANI MENDU
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa