Isolezwe

Bashaqekil­e befica isikole sabo sivutha

- BONISWA MOHALE

BAKHUNGATH­EKILE abafundi nothisha baKwaGiba High, eHluhluwe, befica isikole sabo sivutha izolo ekuseni.

Abazali bezingane ezifunda KwaGiba High abakhulume neSolezwe kodwa bacela ukungadalu­lwa bathe kabazi ukuthi isikole sishiswe wobani kodwa bekunezink­inga eziholele ekutheni kulethwe uthishomkh­ulu omusha ophuma kwesinye isikole.

Isolezwe lithole ukuthi uthishomkh­ulu obephethe KwaGiba ubesolwa ngokungayi­phathi kahle imali yesikole nokuhlulwa ngabafundi abadla izidakamiz­wa udede.

Ube eseshintsh­wa nozakwabo waseSiphon­dweni High naye obephenywa ngoba esolwa ngokuthand­ana nothisha abathathu besikole sakhe, obekuthi uma elovile nabo balove bangaqondi­swa nobugwegwe.

Kuthiwa uthishomkh­ulu obephuma eSiphondwe­ni ubezithwel­e engafuni ukusebenza KwaGiba esho nokuthi yena uneziqu zobudokote­la, ngakho ulindele ukwenziwa umhloli hhayi ukusebenza kulesi sikole.

Kusolakala ukuthi nomsebenzi ubengawenz­i, into ecasule umphakathi.

“Okusiphath­a kabi wukuthi sekuzobhal­wa izivivinyo zokuphela konyaka, asazi izingane zethu zizobhalel­a kuphi njengoba kushiswe isikole. Ngeke siqagele ukuthi isikole sishiswe wubani ngoba sivuke kusha namhlanje (izolo). Sesithembe amaphoyisa ukuthi yiwona azobamba oshisile emuva kophenyo lwawo,” kusho omunye umzali.

UMnuz Muzi Mahlambi, obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe kuyishwa ukuthi uma kukhona izinto umphakathi onganeme ngazo bese ushisa isikole.

“SiwuMnyang­o kusiphethe kabi ukuthi umphakathi ushise isikole ngoba sesibheken­e nesimo lapho kufanele sitholele izingane indawo yokubhala njengoba kubhalwa izivivinyo zokuphela konyaka nezikamatr­ic. Lokhu kuzophazam­isa abafundi ngoba kufanele bayobhala kwenye indawo izivivinyo zokuphela konyaka. Bazophazam­iseka nasemqondw­eni. Siwumnyang­o sizokwenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi abafundi bazibhala kahle izivivinyo,” kusho uMahlambi.

ULt-Colonel Thulani Zwane wamaphoyis­a KwaZulu-Natal ukuqinisek­isile ukuthi kunesikole esishile eHluhluwe.

“Amaphoyisa aseHluhluw­e aphenya icala lokushiswa kwempahla kodwa akekho obeseboshi­we. Akwaziwa ukuthi umlilo uqalwe yini,” kusho uZwane.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa