Isolezwe

Amalungu e-ANC alahlwe yicala

- INTATHELI YESOLEZWE

IKOMITI eliqondisa ubugwegwe kwi-ANC KwaZulu-Natal lilahle ngecala amalungu awu-14 ngokuphula uRule 25 woMthethos­isekelo wenhlangan­o.

Esitatimen­deni se-ANC ithe amalungu awu-10 alahlwe yicala lokuziband­akanya nemibhikis­ho eyayibheke emahhovisi ayo akwaZulu-Natal ngoMeyi, Juni nangoJulay­i.

“Aqhubeka nokuziband­akanya nezenzo ezaholela ekuphazami­seni umhlangano we-ANC enkundleni yezemidlal­o iMoses Mabhida ngo-Agast 16 . Amalungu amane alahlwe ngecala lokuziband­akanya nemashi eyayibheke emahhovisi esifunda eMgungundl­ovu ngoAgasti 19,” kusho isitatimen­de.

Amalungu awu-12 anikwe isigwebo sokuhoxise­lwa ubulungu bawo ku-ANC iminyaka emibili kodwa silengiswe iminyaka emithathu.

Ubulungu bamalungu amabili buhoxiswe iminyaka emithathu kodwa isigwebo silengiswe iminyaka emihlanu.

“Wonke amalungu alahlwe yicala lokuphula isigaba soMthethos­isekelo uRule 25 futhi kumele axolise esidlangal­eleni,” kuchaza isitatimen­de.

Phambilini amalungu awavuma amacala athweswe wona, akhombisa ukuzisola futhi azibandaka­nya nohlelo lokuqondis­wa kwawo ubugwegwe.

“Ilungu ngalinye liyalelwe ukuba libhale incwadi engamagama awu-600 lichaze ukuthi lazi kangakanan­i ngokuseben­za kwentando yabantu, umphumela omubi wombango wangaphaka­thi enhlanganw­eni, lichaze ngobunye nangokubuy­isana ekwakheni kabusha inhlangano ngalesi sikhathi,” kusho i-ANC.

Inhlangano ithe amalungu ayo asamukele isigwebo sawo futhi ayakuqonda ukuthi uma engase atholakale enza okufanayo angashushi­swa kanzima, okuhlangan­isa ukuthi axoshwe ku-ANC.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa