Amalungu e-ANC alahlwe yicala
IKOMITI eliqondisa ubugwegwe kwi-ANC KwaZulu-Natal lilahle ngecala amalungu awu-14 ngokuphula uRule 25 woMthethosisekelo wenhlangano.
Esitatimendeni se-ANC ithe amalungu awu-10 alahlwe yicala lokuzibandakanya nemibhikisho eyayibheke emahhovisi ayo akwaZulu-Natal ngoMeyi, Juni nangoJulayi.
“Aqhubeka nokuzibandakanya nezenzo ezaholela ekuphazamiseni umhlangano we-ANC enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ngo-Agast 16 . Amalungu amane alahlwe ngecala lokuzibandakanya nemashi eyayibheke emahhovisi esifunda eMgungundlovu ngoAgasti 19,” kusho isitatimende.
Amalungu awu-12 anikwe isigwebo sokuhoxiselwa ubulungu bawo ku-ANC iminyaka emibili kodwa silengiswe iminyaka emithathu.
Ubulungu bamalungu amabili buhoxiswe iminyaka emithathu kodwa isigwebo silengiswe iminyaka emihlanu.
“Wonke amalungu alahlwe yicala lokuphula isigaba soMthethosisekelo uRule 25 futhi kumele axolise esidlangaleleni,” kuchaza isitatimende.
Phambilini amalungu awavuma amacala athweswe wona, akhombisa ukuzisola futhi azibandakanya nohlelo lokuqondiswa kwawo ubugwegwe.
“Ilungu ngalinye liyalelwe ukuba libhale incwadi engamagama awu-600 lichaze ukuthi lazi kangakanani ngokusebenza kwentando yabantu, umphumela omubi wombango wangaphakathi enhlanganweni, lichaze ngobunye nangokubuyisana ekwakheni kabusha inhlangano ngalesi sikhathi,” kusho i-ANC.
Inhlangano ithe amalungu ayo asamukele isigwebo sawo futhi ayakuqonda ukuthi uma engase atholakale enza okufanayo angashushiswa kanzima, okuhlanganisa ukuthi axoshwe ku-ANC.