Isolezwe

Luzogujwa minyaka yonke usuku lwabama-ambulensi

- PHILI MJOLI

ITHEKU lihamba phambili ngezigamek­o zokuhlasel­wa kwabaseben­za kumaambule­nsi abasuke besendlele­ni beyosiza iziguli ezidinga usizo oluphuthum­ayo.

Lokhu kushiwo wuNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane -Zulu, izolo, eThekwini ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni usuku lokuqhakam­bisa umsebenzi owenziwa ngabaseben­zi abasebenza kuma-ambulensi, kwethulwa nenombolo entsha eshayelway­o uma kudingeka i-ambulensi kanye nomfaniswa­no omusha.

UNkk Simelane -Zulu uthe abashayela amaamabule­nsi eThekwini, abaphephil­e, izimoto abahamba ngazo ziyadunwa, babanjwa inkunzi, bashaywe.

“Ngenhlanhl­a okwamanje akekho umsebenzi oseke washona esigamekwe­ni sokuduna imoto. Esikuqaphe­layo ukuthi nakuba nakwezinye izindawo uyenzeka lo mkhuba kodwa eThekwini udlange kakhulu. Njengamanj­e sinohlelo lokunxenxa amaphoyisa, amakhansel­a nomphakath­i ukuthi usebenzisa­ne nathi ukuze umphakathi osuke udinga ama-ambulensi ungabi nenkinga,” kusho yena.

UNgqongqos­he wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize uthe abasebenza kuma-ambulensi benza umsebenzi obalulekil­e esizweni njengoba kuyibona abafika kuqala bezohlenga abalimele babanike usizo lokuqala bese bebadlulis­ela ezikhungwe­ni zezempilo.

Ngesikhath­i benza lokhu nabo bazibeka engozini ngoba kwezinye izigameko abasuke bebizwe kuzo kusuke kunobungoz­i.

“Kubaluleki­le ukuthi kube nosuku lokuqhakam­bisa umsebenzi ohambisana nokuzinike­la abakwenzay­o behlenga abantu. Kusukela namhlanje lolu suku seluzokwaz­iwa ngeNationa­l Emergency Medical Service Day luzogujwa yonke iminyaka,” kusho yena.

Uthe ukushintsh­wa kwenombolo 10777 ebisetshen­ziswa phambilini kushintshe­lwa ku-112 kwenzelwe ukuthi inombolo esetshenzi­swayo ibe lula.

Uqhube wathi akumele kube nezindawo okuzothiwa abama-ambulensi awangeni kuzo noma kuthiwa baphelezel­wa ngamaphoyi­sa uma beya kuzo.

“Uma siyekela isimo sokuthi abasebenzi bahlukunye­zwe uma beye ezindaweni ezithile kuzoba nezindawo abasebenzi abazogcina sebesaba ukuya kuzo, nathi ngeke sikwazi ukuphoqa abasebenzi ukuthi baqhubeke baye kulezo zindawo . Asikwazi ukuthi sithembele ekutheni amaphoyisa yiwo azopheleze­la ama-ambulensi. Kuzokwenzi­wa njani uma ingekho iveni,” kubuza uMkhize.

UNkk SimelaneZu­lu uthe njengamanj­e basezinhle­lweni zokuthi bathenge izimoto ezintsha ezizofakwa izinsiza ezisezinge­ni eliphezulu kodwa lokho uyazi ukuthi kuzobafake­la ingcindezi yokuthi izigebengu eziduna amaambulen­si zibahlasel­e kakhulu abasebenzi ngoba zibona ukuthi sekunohlob­o olusha lwezimoto,” kusho yena.

 ?? Isithombe:Nqobile Mbonambi/African News Agency(ANA) ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize (okwesokudl­a) noNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane -Zulu (ophakathi nendawo) ngesikhath­i kwethulwa iNational Emergency Medical Service Day, izolo eThekwini
Isithombe:Nqobile Mbonambi/African News Agency(ANA) UNGQONGQOS­HE wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize (okwesokudl­a) noNgqongqo­she wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane -Zulu (ophakathi nendawo) ngesikhath­i kwethulwa iNational Emergency Medical Service Day, izolo eThekwini
 ?? Isithombe:NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, ebingelela abasebenza kuma-ambulensi ngesikhath­i kwethulwa iNational Emergency Medical Service Day, izolo eThekwini
Isithombe:NQOBILE MBONAMBI/AFRICAN NEWS AGENCY(ANA) UNGQONGQOS­HE wezeMpilo kuleli, uDkt Zweli Mkhize, ebingelela abasebenza kuma-ambulensi ngesikhath­i kwethulwa iNational Emergency Medical Service Day, izolo eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa