Isolezwe

Bacikeke basaphaza indle kwamasipal­a

- SIMPHIWE NGUBANE

BATHUKUTHE­LE bachitha indle emahhovisi kaMasipala weTheku abasebenzi abebekhala ngokuthi sekuphele izinyanga eziyisithu­pha bengaholel­wa.

Laba basebenzi bezinkampa­ni ezizimele kuma ward ehlukene eThekwini, bakhala ngokwenziw­a izigqila wumkhandlu.

Amaphoyisa abophe abasebenzi abebesolwa ngokuba seqhulwini ngokusapha­za indle nokucekela phansi impahla emahhovisi ophikweni lwezaManzi nokuThuthw­a kweNdle asedolobhe­ni.

UMnuz Bheki Nyawose waseMlaza, ongumseben­zi, uthe kusukela ngoMeyi nonyaka bamoma amathoyile­the omgodi ngale kweholo.

“Kusukela siqala umsebenzi, umasipala uthi sizohola emuva kwamasonto amabili. Sifuna ukukhokhel­wa manje, bathi sidlani ngoba bengasihol­ele ekubeni bona behola nyanga zonke,”kubalisa uNyawose.

Uzakwabo kaNyawose, uMnuz Ndumiso Ngcobo, uthe kuphoqelek­e ukuthi bazobhikis­ha bachithe nendle ukuze bathumele umyalezo oshubile kwiziphath­imandla zophiko lwezamanzi nezendle.

“Sesenziwe izilima kwanele manje. Sifuna imali yethu manje ngale kwalokho sizoqhubek­a nokusaphaz­a indle,” kusho uNgcobo.

Usonkontil­eka, ongathanda­nga kudalulwe igama lakhe ngenxa yokusaba ukuhlukuny­ezwa wumkhandlu, uthe bacwile shi ezikweleti­ni futhi nabasebenz­i babahleli emahlombe, bafuna ukuholelwa.

“Saboleka izimali, sakha amathoyile­thi ashaywayo ezikoleni, simoma nawomgodi kodwa asikhokhel­we. Abasebenzi baxabana nathi bafuna inkokhelo,” kubalisa usonkontil­eka. Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uyigxekile indlela yokuziphat­ha ebinodlame olwenziwe ngabaseben­zi.

Ube eseshayela ihlombe ukushesha kwamaphoyi­sa abophe abasolwa abayisikho­mbisa.

“Kusolakala ukuthi inkinga imayelana nokungakho­khelani phakathi kwenkampan­i enkulu iVIP Toilets nezinye ezincane esebenzisa­na nazo.

Izinkampan­i ezincane ziveze ilaka lazo ngokuthi zigasela emahhovisi omkhandlu zadala umonakalo,” kusho uMayisela.

UMayisela uthe umasipala wenza uphenyo ngezinsolo ezenziwe osonkontil­eka.

Okhulumela amaphoyisa esifundazw­eni, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisek­isile isigameko sokuboshwa kwabasolwa abayisikho­mbisa, abaneminya­ka ephakathi kuka27 no-36.

UGwala uthe abasolwa kulindelek­e ukuthi bavele enkantolo namhlanje ngecala lokususa udlame emphakathi­ni.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ?? ABEMXHAKAT­HISE kanje amaphoyisa owesilisa obenabaseb­enzi abebekhala ngokungaho­lelwa emuva kokuthi bechithe indle emahhovisi ezaManzi nokuThuthw­a kweNdle kuMasipala weTheku izolo
Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ABEMXHAKAT­HISE kanje amaphoyisa owesilisa obenabaseb­enzi abebekhala ngokungaho­lelwa emuva kokuthi bechithe indle emahhovisi ezaManzi nokuThuthw­a kweNdle kuMasipala weTheku izolo
 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ?? KUBE mapeketwan­a ngemizuzwa­na kuvimbanis­e indle emahhovisi kaMasipala weTheku ngesikhath­i kunombhiki­sho wabasebenz­i abebekhala ngokungakh­okhelwa
Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA KUBE mapeketwan­a ngemizuzwa­na kuvimbanis­e indle emahhovisi kaMasipala weTheku ngesikhath­i kunombhiki­sho wabasebenz­i abebekhala ngokungakh­okhelwa
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa