Isolezwe

URamaphosa uxwayisa abafuna umsebenzi ngodli

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uxwayise izolo ngokuthi bazobhekan­a nosomabhiz­inisi abahamba bemisa izinhlelo zentuthuko, basabise ngokuthi bona basondelen­e nosopoliti­ki abaphezulu.

Ekhuluma emcimbini obuhlelwe yiDurban Chamber of Commerce e-ICC eThekwini lapho izikhulu zikahulume­ni bezihlange­ne nosomabhiz­inisi, uRamaphosa uthe kumele kube khona umnyakazo owenziwayo ukuze kuqedwe lesi sihlava.

“Abanye balabo somabhizin­isi bamise ukwakhiwa kwebhuluho e-Eastern Cape. Nakwezinye izindawo siyayithol­a imibiko yokumiswa kwezinhlel­o zentuthuko ngabantu abasuke befuna umsebenzi ngenkani,” kusho uRamaphosa.

Ukhale ngabantu abadla umhlaba okungesiwo owabo, wathi nabo kumele bathathelw­e izinyathel­o.

“Asikwazi ukuthula sisonge izandla sibe sibona abantu bephendula izwe lethu indawo engenamthe­tho,” kusho uRamaphosa.

Ukhiphe isexwayiso ezikhulwin­i zomasipala ezingabakh­okheli osonkontil­eka ngaphandle kwesizathu.

Uthe izikhulu ezenza lokho kumele zithathelw­a izinyathel­o, kugcine sekushayek­a namaphaket­he azo.

“Enye into eyinkinga kuleli yindaba yokushiswa kwamaloli. Ngihlangan­ile noNgqongqo­she wamaPhoyis­a, uMnuz Bheki Cele salubheka lolu daba, saqhamuka nesu lokuqeda lesi sihlava,” kusho umengameli.

Uphethe inkulumo ngokuphons­ela inselelo osomabhizi­nisi, wathi kumele basebenzis­ane nabo ukuze bangasali ngaphandle ezinhlelwe­ni ezikhona.

Osomabhizi­nisi abaningi baphakamis­e ukuthi ikomkhulu lamahhovis­i akwaTransn­et libuyiselw­e KwaZulu-Natal ngoba kukhona amachweba amaningi.

NoNdunanku­lu waKwaZuluN­atal, uMnuz Sihle Zikalala uthe uyavumelan­a nesiphakam­iso sikaMnuz Moses Tembe ukuba amahhovisi amakhulu akwaTransn­et alethwe eKZN.

UZikalala uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuthi izinkampan­i ezinkulu azizibophe­zeli ngokwanele ekusizeni amabhizini­si asafufusa.

UNgqongqos­he wezoHwebo neziMboni, uMnuz Ibrahim Patel, uthe uNgqongqos­he wezamaBhiz­inisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan, uzohambela eThekwini lapho ezohlangan­a nosomabhiz­inisi ezinsukwin­i ezizayo kuzobhungw­a ngezinking­a ezikhunget­he ichweba nezinye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa