Isolezwe

UMabuza uxolisile ngokucinyw­a kukagesi

- NONTUTHUKO NGUBANE NE-AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

IPHINI likaMengam­eli, uMnuz David Mabuza, selixolise­le uhulumeni ngokucishw­a kukagesi kuleli okwenziwa i-Eskom.

Ephendula imibuzo izolo ePhalamend­e eKapa, uMabuza, uthe basabheka ukuxazulul­a isimo. Amaqembu aphikisayo abuze ngokucishw­a kukagesi, ukwesekwa kwabamabhi­zinisi nokusungul­wa kwamathuba emisebenzi.

“Empeleni ngasohlang­othini likahulume­ni sithanda ukuxolisa kubantu bakuleli ngokucinyw­a kukagesi. Siyaxolisa kubafundi abaphazami­sekile bebhala izivivinyo, siyaxolisa kosomabhiz­inisi. Izinkinga zonke ezidalekil­e ngenxa yokucinywa kukagesi. Kumanje siyabheka ukuthi siyixazulu­la kanjani le nkinga.”

Uthe lokhu kucinywa kukagesi kudalwe kakhulu ukuthi sekunezite­shi zakwaEskom esezigugil­e ezidinga ukulungisw­a.

Odabeni lokwakha amathuba emisebenzi, uthe uMengameli Cyril Ramaphosa, uyaqinisek­isa ukuthi uhlangana njalo nabamabhiz­inisi neminyango ethintekay­o ukuthola ukuthi izincomo ezavela kwingqungq­uthela yezemisebe­nzi i-Job Summit, ziyalandel­wa.

Uthe basebenza kanzima ukuqinisek­isa ukuthi umnotho uyakhula, ngokuseben­zisana nosomabhiz­inisi.

“Sisungule umnyango ukuba ubhekele izindaba ezithinta amabhizini­si amancane. Sibheke manje ukuba kusungulwe isikhwama esizoxhasa osomabhizi­nisi,” kusho uMabuza.

Odabeni oluthinta umnikelo owatholwa nguRamapho­sa wokuxhasa umkhankaso wakhe wokuhola i-ANC, uthe abantu abanikelel­a uMengameli akukho abakwenza okonakele wathi lolu wudaba lwe-ANC.

UMabuza uphinde wakubeka kacaca ukuthi benguhulum­eni ngeke bakubekeze­lele ukubulawa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kuleli.

“Ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane kumayelana nesimo somqondo wesizwe, kumele senze isiqinisek­o sokuthi umthetho wakuleli uyabavikel­a abesifazan­e nezingane. Lokhu kusuka endleleni esiphatha ngayo amantombaz­ane emakhaya, kumele siwakhulis­e ngendlela efanayo nabafana.”

Uthe ukuhlukani­sa imisebenzi ngokobulil­i kumele kuphele.

Khonamanja­lo uSihlalo wakwa-Eskom, uMnuz Jabu Mabuza, uthe namhlanje wusuku lokugcina lokucinywa kukagesi wathembisa ukuthi isimo sizobuyela kwesejwaya­lekile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa