Isolezwe

Ihlombe kugwetshwa umdlwengul­i

- NONTUTHUKO NGUBANE NE-AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

BASHAYE ihlombe, bacula bejabule abebehambe­le icala ngesikhath­i egwetshwa udilikajel­e owadlwengu­la ingane eneminyaka eyisikhomb­isa, uNicholas Ninow.

Ngesikhath­i ijaji Papi Mosopa lethula isigwebo enkantolo iNorth Gauteng eGoli, umphakathi usukume washaya ihlombe wacula utshengisa ukwamukela isigwebo.

UNinow ugwetshwe udilikajel­e ngecala lokudlweng­ula neminyaka emihlanu ngecala lokutholwa nezidakami­zwa nokuphazam­isa ukusebenza komthetho.

Igama lakhe lizofakwa nasohlwini lwabantu okungamele baphinde basebenze nezingane. Okhulumela uphiko lwezokushu­shisa, u-Adv Phindi Mjonondwan­a, ekhuluma ne-eNCA uthe basijabule­le kakhulu isigwebo.

“Kuyasigcul­isa ukuthi izinkantol­o zethu zikuveza obala ukuthi ngeke zibabekeze­lele abantu abahlukume­za izingane nabesifaza­ne, zizobajezi­sa ngendlela. Sifuna nabanye bafunde kulokhu ukuze bangaphind­i benze amacala afuze lawa.”

UMosopa uthe ukuzwile futhi uyakuqonda ukuthi usemncane ngokweminy­aka uNinow nokuthi unengane encane kodwa wathi uhlulekile ukuveza ukuthi uyazisola ngokugcwel­e ngakwenza.

Uthe isenzo sakhe senza impilo yomndeni wale ntombazany­ana ibe nzima, ifane nesihogo uqobo.

Ijaji lithe yize umdlwengul­i esebenzise izidakamiz­wa kusukela eneminyaka engu-13 ayezinikez­wa wunina, nokuhlukun­yezwa ngokocansi eseyingane, lokhu bekungamel­e kumenze enze leli cala.

Ngaphambi kokuba agwetshwe, usonhlalak­ahle uCaptain Karin Botha, uthule ubufakazi enkantolo ngokuhluku­mezeka komndeni kulandela lesi sigameko. Utshele inkantolo ukuthi intombazan­yana eyadlwengu­lwa, ithi njalo ebusuku iyabubona ubuso balo mdlwenguli.

Yize sekudlule isikhathi njengoba yadlwengul­wa ngo-2018 endaweni yokudla e-Dros, eSilverton, ePitoli kodwa umndeni uthe uphila kanzima.

 ??  ?? NICHOLAS NINOW
NICHOLAS NINOW

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa