Isolezwe

Umlando kwethulwa iselula yokuqala kuleli

- MLUNGISI GUMEDE

KUQOPHEKE umlando izolo ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni iselula yokuqala ukwakhiwa eNingizimu Afrika eyaziwa ngeMara Phone.

Le selula esezingeni eliphezulu yesimanje yakhiwe ngabafundi abenza izifundo zobunjiniy­ela efemini yokwakha amafoni eDube Tradeport eThekwini.

Ukwakhiwa nokukhiqiz­wa kwayo eThekwini kuzokwenza ukuthi iNingizimu Afrika ikwazi ukuncintis­ana namazwe amakhulu akhiqiza amaselula, okuyiKorea eyenza iSamsung, iChina eyenza iHuawei ne-USA eyenza i-iPhone.

Ethula inkulumo yakhe emcimbini uMengameli Cyril Ramaphosa uthe kuyintokoz­o kuyena ukuthi abe seDube Tradeport azozibonel­a ukwethulwa ngokusemth­ethweni kweselula eyakhiwe eNingizimu Afrika, okuzosiza izwe ukuze libalwe namanye amazwe ahamba phambili emhlabeni ekukhiqize­ni ezobuchwep­heshe.

“Ngesikhath­i ngethula inkulumo yesizwe ngakugcize­lela ukuthi izizinda zokuthuthu­kisa umnotho zibaluleki­le ekufukulen­i umnotho wezwe nokuheha abatshaliz­imali,” kusho uRamaphosa.

Uthe amazwe amaningi athuthukil­e emhlabeni afana noChina aqala ngokwakha izizinda zawo zokuthuthu­kisa umnotho.

URamaphosa uthe esembuthan­weni wosomabhiz­inisi nyakenye kwenziwa izimemezel­o eziningi, esinye sazo yilesi esithokoze­lwayo namhlanje (izolo) esenziwa yisikhulu esiphezulu seMara Group, uMnuz Ashish Thakkar owathi ufuna ukukhiqiza iselula ezokwakhiw­a eNingizimu Afrika.

“U-Ashish (Thakkar) wathi ufuna ukwenza izwekazi i-Afrika lihloniphe­ke. Ngiyathoko­za ukuthi namhlanje iphupho lakhe lifezekile,” kusho uRamaphosa.

Uthe esekhuluma ngesifiso sikaThakka­r abanye babecabang­a ukuthi uyaziphuph­ela.

UThakkar uthe namhlanje kuyafakaze­leka ukuthi abantu base-Afrika bayaphupha bese beyenza.

“Namhlanje kuqopheka umlando, iphupho leNingizim­u Afrika neMara lifezekile. Ngonyaka odlule senze isithembis­o embuthanwe­ni wosomabhiz­inisi, sathi sifuna ukukhiqiza iselula lapha ezweni. Namhlanje siyajabula ngoba isithembis­o sethu sifezekile,” kusho uThakkar.

Uthe inkampani yabo iqashe abantu abasha abangu-200.

URamaphosa uveze ukuthi kuyimanje babheke ekutheni kuqale uhlelo lwesigaba sesibili seDube Tradeport.

Uthe isigaba sesibili seTradepor­t sizogxila kakhulu ebuxhakaxh­akeni bukagesi nomkhakha ohlanganis­a amabhanoyi.

“Ukuthuthuk­iswa kweDube Tradeport akuzosiza kuphela isifundazw­e iKwaZulu-Natal kodwa kuzosiza iNingizimu Afrika nezwekazi i-Afrika. Kumanje iTradeport kuno-R3.2 billion, ofakwa ngabatshal­izimali abazimele, kwadaleka namathuba emisebenzi angu-12 000, esigabeni sokuqala seDube Tradeport,” kusho uRamaphosa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa