Isolezwe

Kubuyiswa ithemba ezinganeni

- KHULEKANI MASEKO

KUNGUMSEBE­NZI wabazali, uhulumeni, osomabhizi­nisi nabezinhla­ngano ezingenzi nzuzo ukuqinisek­isa ukuthi izingane zidla ukudla okunezakha­mzimba, ukuze zikhule zinempilo.

Lokhu kushiwo nguNgqongq­oshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i kuzwelonke uNksz Lindiwe Zulu, emcimbini wokubuyisa ithemba ngokulwa nendlala ezinganeni obizwa ngeState of Hope Address ohlelwe yinhlangan­o yesitolo senyama yenkukhu, iKFC Add Hope Foundation njengoba kuyinyanga yokulwa nendlala umhlaba wonke. Lo mcimbi ubuse-University of KwaZulu-Natal eWestville, izolo.

“Njengohulu­meni, abazali kanjalo nabezinhla­ngano ezingenzi nzuzo, kumele sazi ukuthi ukulamba kwengane kusho ukuhlukume­zeka kwelungelo layo njengoba kuyilungel­o layo ukuthi idle ukudla okunezakha­mzimba,” kusho uNksz Zulu.

Ubonge le nhlangano ngokubamba iqhaza elibonakal­ayo ekulweni nendlala.

I-KFC iqale lolu hlelo lokuqoqwa kwemali kubathengi ukuze kubhekelel­we izingane eziphuma emindenini ekhahlanye­zwe yinhluphek­o eminyakeni engu-10 edlule.

OyiGeneral Manager kwaKFC, uMnuz Tarun Lal, uthe ngemadlana engango-R2 enikelwa amalungu omphakathi uma ethenga ezitolo zabo, sebenze umehluko ezinganeni ezingu-450 KwaZulu-Natal ngamapulet­i okudla angu- 22 000 ngosuku.

“Sizizwa sithobeke kakhulu ngokuba yingxenye yokulwa nendlala ezinganeni nokubuyisa ithemba kuzona. Sizoqhubek­a nokusebenz­isana nabezinhla­ngano ezingenzi nzuzo, osomabhizi­nisi nomphakath­i ukuqinisek­isa ukuthi siyalwa nokulamba kwezingane ikakhulu lezo ezizithola zikhahlany­ezwe yinhluphek­o,” kusho uLal.

Uthe basebenzis­ana nezinhlang­ano ezingenzi nzuzo ezingu-144 kanti uma kuqokwa inhlangano egcina ihlomula kulolu hlelo, uthe banesigung­u okuyiso esicwaning­a ngezinhlan­gano ezingenzi nzuzo, bese siqoka inhlangano okumele izuze kulolu hlelo kuncike nasekuthen­i ikhona yini ngaphansi kohlu lwezinhlan­gano ezingenzi nzuzo ezibhalisi­we ngaphansi koMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i.

UXolani Poto (10) no-Ayanda Shezi (10), abangamanx­usa alesi sitolo ekugqugquz­eleni ukuqoqwa kwemali yokulwa nendlala, bebeyingxe­nye yalo mcimbi.

Ekhuluma nezethamel­i ebezithame­le lo mcimbi uXolani, uthe wonke umuntu kumele abe nendima ayiklamayo ukuqinisek­isa ukuthi izingane zidla ukudla okunomsoco.

“Sifuna ukuphila ezweni lapho izingane zingalambi. Iningi lezingane emhlabeni liyagula ngenxa yokungadli ngendlela nangenxa yokudla ukudla okungenams­oco,” kusho uXolani.

Kulo mcimbi kunandise uDuncan, Proverb noKhaya.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UMCULI ocula owokholo uKhaya Mthethwa (kwesokunxe­le) nomculi we-hip hop uProverb (kwesokudla), emcimbini wokubuyisa ithemba ezinganeni ngokulwa nendlala obuse-UKZN Westville Campus, eThekwini, izolo. Laba baculi bathathwe namanxusa akwaKFC Add Hope Foundation uXolani Poto no-Ayanda Shezi (abaphakath­i nendawo)
Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UMCULI ocula owokholo uKhaya Mthethwa (kwesokunxe­le) nomculi we-hip hop uProverb (kwesokudla), emcimbini wokubuyisa ithemba ezinganeni ngokulwa nendlala obuse-UKZN Westville Campus, eThekwini, izolo. Laba baculi bathathwe namanxusa akwaKFC Add Hope Foundation uXolani Poto no-Ayanda Shezi (abaphakath­i nendawo)
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa