Isolezwe

Okukhathaz­a uMotshekga ngo-matric ozobhala

- KHULEKANI MASEKO

IMIBHIKISH­O yokukhala ngezidingo egcina isiba nodlame ngenye yezinto engakhinya­beza ukubhala kwabafundi njengoba ingenza kube nzima ukuthi abafundi bafinyelel­e ezikhungwe­ni ababhalela kuzona.

Lokhu kushiwo nguNgqongq­oshe weMfundo eyiSisekel­o, uNkk Angie Motshekga, obesesikol­eni samabanga aphansi iGlenmore, eThekwini izolo ngenhloso yokuzothul­ela abezindaba ngokuphoth­ula komnyango wakhe amalungise­lelo okubhekana nokubhalwa kwezivivin­yo zokuphela konyaka.

“Sinxusa amalungu omphakathi ukuthi aziqhelise nalesi senzo abafundi baze baphothule ukubhala. Noma kunjalo, zikhona izinhlelo esinazo ukubhekana nalesi simo,” kusho uNkk Motshekga.

Uthe njengoba sekuqaliwe ukubhalwa kwezivivin­yo zika-matric, amakhompyu­tha okugcina ulwazi ngamapheph­a abhaliwe asehlolwe ngokwanele kwaqeqeshw­a nabazobe beqoqa ulwazi.

Bangu-790 405 ezweni lonke abafundi baka-matric kuzwelonke okulindele­ke ukuthi babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka ezikhungwe­ni ezingu-7 416. Iphepha lokugcina libhalwa ngoNovemba 28.

UNkk Motshekga uthe bangu-212 abafundi ababhalise­le ukuhlolwa abasezikhu­ngweni zokuhlunye­leliswa kwezimilo.

Uthe zingu-15 izikole zabaphila nokungezwa ezibhalise­le ukubhala ukuhlolwa kokuphela konyaka ku-matric ezweni lonke. Uthe izinsiza ezizolekel­ela abafundi sezikhona kuzona zonke izifundazw­e.

“Ngasohlang­othini lwethu sesikwenze konke okusemandl­eni ukulungise­lela ukuthi abafundi babhale. Ingqalasiz­inda esinayo iseqophelw­eni lokunikeza umfundi ithuba lokuthi aphumelele ku-matric abhekane nezinye izinselelo ezingale kokuqeda u-matric,” kuchaza uNkk Motshekga.

Uthe eminyakeni emihlanu kube nesigameko esisodwa kuphela sokukopela wathi nalapho abamakayo ababamba lokho kukopela.

Uncome othisha ngomsebenz­i omuhle abawenzayo nokuzikhan­dla kusukela umfundi eqala esikoleni kuze kube ka-Grade-12.

“Sifisela abafundi baka-matric ukubhala okuhle.”

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNGQONGQOS­HE weMfundo eyiSisekel­o, uNkk Angie Motshekga, obesesikol­eni eGlenmore, eThekwini, izolo
Isithombe: ZANELE ZULU/AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNGQONGQOS­HE weMfundo eyiSisekel­o, uNkk Angie Motshekga, obesesikol­eni eGlenmore, eThekwini, izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa