Isolezwe

Kwethulwe amathoyile­thi aphephile ezikoleni

- PHILI MJOLI

IZIKOLE ezine zaKwaZulu-Natal ebezinamat­hoyilethi ayingozi zakhelwe amathoyile­thi amasha aphephile.

Amathoyile­thi aphephile athulwe ngokusemth­ethweni kulezi zikole, okuyingxen­ye yokubambis­ana kukahulume­ni nezinkampa­ni ezizimele.

Inkampani yomshuwale­ne, i-Assupol, ngokubambi­sana noMnyango wezeMfundo eyiSisekel­o, iNational Education Collaborat­ion Trust, bakhele izikole eziyishumi amathoyile­thi aphephile zasezifund­azweni ezahlukene amathoyile­thi aphephile, ezine zazo ngezaKwaZu­lu-Natal.

UNkk Bridget Mokwena-Halala, oyisikhulu esiphezulu kwa-Assupol, uthe bakholwa wukuthi wonke umuntu kuneqhaza okumele alibambe ekushintsh­eni izimo zempilo ezingezinh­le emiphakath­ini. Sikholwa wukuthi uhlelo lokuphucul­wa kwamathoyi­lethi ezikoleni kuwumbono omuhle. Yingakho inkampani yethu ifake isandla njengoba uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, ahlaba ikhwelo lokuthi izinkampan­i ezizimele kumele zibambe iqhaza kulolu hlelo,” kusho isikhulu.

Uhlelo lokuphucul­a amathoyile­thi ezikoleni lwaziwa ngokuthi iSanitatio­n Appropriat­e for Education (Safe).

UNkk Mokwena-Halala uthe izikole zaseKZN ezihlomule kulolu hlelo yiNgaqa Primary, iBhokoza Primary eziseSt Lucia, eMtubatuba, iHemu Hemu Primary eseMgungun­dlovu nePhecuka Primary eseVriyhei­d.

Uthe amathoyile­thi akulezi zikole athulwe ngokusemth­ethweni kuleli sonto.

“Nyakenye sazibophez­ela ukuthi sizokwakha amathoyile­thi angu100. Lawa mathoyilet­hi ayingxenye yaleso sibopho esazibophe­zela ngaso. Izifundazw­e ezihlomuli­le yiLimpopo, i-Eastern Cape neKwaZulu-Natal,” kusho uNkk Mokwena-Halala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa