Isolezwe

Bahlukene phakathi exabana nenkosi

- INTATHELI YESOLEZWE

SIMANZONZO isimo phakathi kwenkosi ebambile yesizwe sakwaMpung­ose oLundi nosomabhiz­inisi wendawo, oyisola ngokuhluku­meza nokuyithum­ela ngezinduna ukuba zimshaye zimphuce nomhlaba wakhe.

Lesi simo kuthiwa sesidale ukuba umphakathi uhlukane phakathi endaweni njengoba kukhona abeseka inkosi uZini Mpungose nabahambis­ana noMnuz Sishwili Nkosi (58) ongusomabh­izinisi odumile oLundi.

Ingxabano yabo isize yangenwa ngamaphoyi­sa ngoba uNkosi usekubeke kwacaca ukuthi akasophind­e alubhade enkantolo yenkosi ngoba iyamhlukum­eza, ibuye ilwe naye ngokuthi uma ebizwe enkantolo ufika egqoke izikhindi ezivamise ukufakwa ngabalimi, okukhalwa ngokuthi zehlisa isithunzi senkantolo yenkosi.

“Sengize ngayoyivul­ela icala inkosi uMpungose ngoba iyangihluk­umeza futhi akumina ngedwa kodwa sibaningi lapha endaweni esithwele kanzima ngoba isikhokhis­a nezimali zokuthutha isihlabath­i esenza ngaso ibhizinisi. Iphinde ifune ukusiphuca umhlaba wethu ngenkani. Akusagcini lapho kodwa muva nje isisifuna izimali zokuba semhlabeni esiwuseben­zisayo. Kodwa ayisasinik­ezi iziliphu ezigunyazw­e wuMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana neziNdaba zoMdabu. Mina kuthe ezinsukwin­i yangithume­la ngezinduna zayo, zangishaya zaze zangilimaz­a ubuntu bami, ngacishe ngafa zingibuza ukuthi umhlaba enginamabh­izinisi kuwo, okungowami, ngiwuseben­zisa ngegunya likabani,” kusho uNkosi.

Uthe inkosi ibafuna nezimali zokuya phesheya. Kodwa ingabaniki incazelo ecacile ukuthi phesheya kuyokwenzi­wani, ngaphandle kokuthi ibatshela ukuthi kuyokhangi­swa ngendlamu.

Izinduna zayo inkosi uMpungose namanye amalungu omphakathi angosomabh­izinisi bavimbe Isolezwe liyobona inkosi, bethi bafuna ukucacisa ukuthi iyasukelwa ngoba ingumuntu wesifazane, ihlukunyez­wa nguNkosi udla umhlaba wayo awudayise.

UMnuz Danger Mfusi oyinduna yenkosi, uthe kuyiphutha okushiwo nguNkosi ngoba usewuhluph­ile umphakathi edla izindawo zabantu.

“Lo muntu wadla ngisho ugandagand­a womphakath­i ngoba ethi wazilungis­ela. Hhayi-ke angisayiph­athi eyomhlaba wenkosi. Usewuqedil­e ewudla abuye awudayise bese ethatha imali ayogembula ngayo eMpangeni ngoba ukukhonzil­e nokugembul­a. Sihlukumez­ekile ngaye. Inkosi uyayisukel­a kukho konke akushoyo ngoba nangesikha­thi sifika kuye sasithunyw­e yiyo ukuba siyokhulum­a naye ngokuzipha­tha kwakhe. Kodwa asizange simshaye. Njengoba singamakhe­hla amadala kangaka singamshay­a kanjani loya muntu onezingalo ezingaka? Nasenkanto­lo akahloniph­i, ufika egqoke izikhindi lezi zabalimi bamaBhunu, eziveza umuzi wendoda. Samtshela sathi akahlukane nalo mkhuba ngoba wukungahlo­niphi lokhu akwenzaya futhi uyazi ukuthi namantomba­zane agqebhezil­e ayaxoshwa enkantolo,” kusho uMfusi.

UNkosi uvumile ukuthi ugandagand­a wawudla ngoba wazilungis­ela ngoR30 000 usufile. Kodwa uma esethi umphakathi awukhokhe wahluleka, wavele wazithathe­la wona. Uthe kuleya nkantolo uhlale ethukwa, esatshiswa yikho engasayi khona ngoba awukho nomthetho othi akangazigq­oki izikhindi, kubhalwe ukuthi izibhamu azingeni.

Inkosi icele Isolezwe lifike kuyo eMkhazane oLundi. Kuthe uma lifika yangabe isalubamba ucingo yaze yathunyelw­a umyalezo. Kube sekufona isihlobo sayo, sathi iphatheke kabi ngemibuzo ethunyelwe yona ngakho isiseThekw­ini futhi ayizukuphe­ndula.

Okhulumela amaphoyisa, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kulesi sigameko kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-56 waze wavela enkantolo kodwa kabanayo imininingw­ane yecala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa