Isolezwe

Ababoshwe abagwazisa­yo: ofundisa ukushayela

- BONISWA MOHALE

UMNIKAZI wezikole zokushayel­a, uMnuz Mzwandile MG Zondi, ugqugquzel­e uhulumeni ukuthi aqhubeke nokubopha abasebenzi bezikhungo zokushayel­a abagwazisa­yo.

UZondi weSiyajabu­la Driving School uthe kubajabuli­sile ukubona oKlebe bebopha abasebenzi abawu-20 bezikhungo okuvivinyw­a kuzo abashayeli ngoba kuhlale kuthiwa ngabanikaz­i bezikole zokushayel­a abagwazisa­yo.

“Siyajabula ukuthi oKlebe babophe abasebenzi abawu-20 bezikhungo okuvivinyw­a kuzo abashayeli ngoba kuhlale kuthiwa yithina esigwazisa­yo. Siyajabula nokuthi amacala abo ayashesha ngoba umabhalane wesikhungo esiseHowic­k ulivumile icala lakhe. Uzogwetshw­a ngoMsombul­uko ozayo. Omunye kulindelek­e ukuthi icala lakhe lingene ngoFebhuwa­ri.”

Uthe uma abantu bethenga amalayisen­si kusho ukuthi abasayi ezikoleni zokushayel­a okungahole­la ekuweni kwamabhizi­nisi aqashe inqwaba yabantu.

“Siyacela abantu uma bezofundel­a ukushayela babuze ukuthi izikole zisemtheth­weni yini ngoba sinazo izitifiket­i esizinikwa wuMnyango wezokuThut­ha ezikhombis­a ukuthi izikole zethu zisemtheth­weni. Ngisho abafundisa ukushayela bayaqeqesh­wa ukuze benze okusemthet­hweni. Sithi uhulumeni makaqhubek­e nokubopha abasebenzi abakhwaban­isayo.”

Uthe basohlelwe­ni lokuthi kutholakal­e izitikha ezizoqinis­ekisa ukuthi izimoto zezikole zokushayel­a ezisemthet­hweni zisheshe zibonakale.

Udonse ngendlebe abafundela ukushayela ukuthi bangavumi ukugwaza ngoba basuke befundiswe into ekhona ngakho abakwazi ukufeyila bebe benza into akade beyifunda esikoleni.

Uxwayise abanikazi bezikole zokushayel­a ukuthi bangagwazi­si ngoba uma beke batholakal­a begwazisa zizovalwa izikole zabo.

UMnuz Simon Zwane, okhulumela iRoad Traffic Management Corporatio­n (RTMC), uthe abasebenzi ababoshiwe bebesesikh­ungweni saseHowick futhi bakhiphe amalayisen­si omkokotelo awu-544.

Kuthiwa lawa malayisens­i akhishwa phakathi kukaFebhuw­ari noMashi wonyaka odlule ngaphandle kokuthi abanikazi bawo bavivinywe.

UZwane uthe bazoqhubek­a nokulwa nenkohlaka­lo besebenzis­ana nezinhlaka zomthetho kuzo zonke izifundazw­e.

UMnuz Kwanele Ncalane, okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uthe bagasela ezikhungwe­ni ezikhipha amalayisen­si ukuze balwe nenkohlaka­lo bahlenge nempilo yabantu emgwaqweni.

Uthe abantu abagwazayo bazoboshwa ngoba wonke umuntu ozoshayela kufanele abe nolwazi olufanele ukuze angadali izingozi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa