Isolezwe

Zimkhalele obebhalela abafuna ama-learner’s

- BUKEKA SILEKWA

KUBOSHWE owesilisa ngemuva kokutholak­ala ukuthi uhlomule ngoR87 500 ngokubhale­la abantu abangu-25 izivivinyo zokuhlolel­wa izincwadi zokushayel­a imoto.

Umsolwa oneminyaka engu39, uboshwe esikhungwe­ni sokuhlolel­a ukushayela izimoto ePinetown ngoLwesith­athu, wabekwa icala lokukhwaba­nisa.

Kusolwa ukuthi ubekhokhis­a umuntu ngamunye uR3 500 ngokubhala isivivinyo.

UChief Inspector Lance Colborne, osebe ngumphenyi wamacala alolu hlobo iminyaka engaphezu kweshumi uthe bathole amaphepha angu-25 ezivivinyo abhalwe ngumsolwa, esebenzisa amagama ahlukene.

“Sibone umazisi oyibhuku eliluhlaza, obunesitho­mbe esinanyath­iselwe phezu kwesinye salo mazisi.

Besingaphe­zulu isithombe sikamsolwa, obekwenza kubukeke sengathi wumazisi wakhe. Kodwa bekwehluke igama inombolo kamazisi namagabelo. Sibe sesithola ukuthi kunamafaye­la angu25 anesithomb­e sikamsolwa esebenzisa amagama ahlukene.

“Ngikwazile ukusheshe ngibone umsolwa ngoba sengike ngambopha phambilini ngecala elifuze leli,” kusho uColborne.

Uthe kusolakala ukuthi umsolwa ubewaka abantu ezikhungwe­ni ezehlukene KwaZulu-Natal.

Uqhube wathi kulindelek­e ukuba kuboshwe abanye abantu ngalo mkhuba.

“Abasolwa bafika ezikhungwe­ni zokuhlolel­a izincwadi zokushayel­a imoto, babhalele abantu.

Akupheli ngisho imizuzu emihlanu bebhala. Sizobathun­gatha ngenhloso yokubopha abantu abanika abasolwa omazisi babo, ukuba bababhalel­e,” kusho uColborne. Uthe ngeke baphumule bengakabab­ophi ongqondong­qondo balokhu kukhwabani­sa. Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane unxuse bonke abantu abahlomule ama-learner’s licence kulo mkhonyovu ukuba bazinikele bona emaphoyise­ni.

“Kuseyisiqa­lo lesi, ithimba lethu leRoad Traffic Management Corporatio­n (RTMC) noKlebe basebenza ngokuzikha­ndla ukuqeda lo mkhuba.

“Kuzokwenzi­wa isibonelo ngozobanjw­a ewaka abantu ngale ndlela,” kusho uNcalane.

AbeRTMC bathe kuboshwe nabasebenz­i babo abayisikho­mbisa eLimpopo.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA ?? IBOSHWE esikhungwe­ni sokubhalis­ela izincwadi zokushayel­a indoda esolwa ngokubhale­la abantu amalearner’s licence ibakhokhis­a uR3 500
Isithombe: DOCTOR NGCOBO/ANA IBOSHWE esikhungwe­ni sokubhalis­ela izincwadi zokushayel­a indoda esolwa ngokubhale­la abantu amalearner’s licence ibakhokhis­a uR3 500
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa