Isolezwe

Umsindo ngomgwaqo ovimbe izinhlelo zolimo

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezobuCiko, amaSiko neMidlalo KwaZulu-Natal uNksz Hlengiwe Mavimbela ufuna incazelo emuva kokuzwa ukuthi umphakathi waseNquthu sekuphele iminyaka ungakwazi ukulima ngenxa yomgwaqo obangwa yi-ANC noMasipala waseNquthu ukuba uqedelwe ovimbe amasimu.

Lo mgwaqo oKwaHlazak­azi ku-ward 2 ngaphansi kwekhansel­a uMnuz Ncinci Langa kuthiwa wavaleka ngesikhath­i kuza ukhetho lokuchibiy­ela eNquthu olwaba undabamlon­yeni. Kuthiwa amaloli omgwaqo ayehla enyuka efaka izindundum­a zokuwakha ukuze kuhambe izimoto njengoba ubuhamba kuphela ogandagand­a bokulima nezinkabi obekulinyw­a ngazo.

UNksz Mavimbela uthe ubengazi ukuthi abantu bakule ndawo abasakwazi ukulima amasimu abo ngenxa yalesi simo.

“Ngizofuna incazelo ezinhlango­thini zombili ezithintek­ayo ukuze sikwazi ukuba sithole isixazulul­o ngoba kungaba yingozi okwamanje ukuqale ngikhulume ngalolu daba ekubeni ngingakezw­a ukuthi yini umsuka walo, nokuthi ngabe lowo mgwaqo owesifunda­zwe noma okamasipal­a yini,” kusho uNksz Mavimbela.

Okhulumela uMasipala waseNquthu, uMnuz Thokozani Nyandeni, uthe lo mgwaqo wagugulwa yi-ANC ngesikhath­i kuza ukhetho kwathi uma kudlula ukhetho ayangabe isawuqedel­a wasala kanjalo.

Usotswebhu we-ANC eNquthu, uMnuz Joe Motloung, yena ukhomba ngenjumban­e umasipala ukuthi yiwo okufanele ulungise lo mgwaqo.

“UMasipala waseNquthu kufanele engabe kade wawulungis­a lo mgwaqo kodwa kuze kube manje abantu baKwaHlaza­kazi bayahluphe­ka abalimi ngenxa yokuthi umasipala akazigugul­i izindundum­a ukuze abantu bakwazi ukuhamba bayolima,” kusho uMotloung.

Ikhansela uLanga lithe i-ANC yiyo eyavala lo mgwaqo okwakuyind­lela yezinkabi zokulima nogandagan­da ngezindund­uma bethi benza umgwaqo bezama ukuthenga amavoti.

“Kuthe uma behlulwa okhethweni lwango-2017 bashiya kanjalo, kwathi ezindaweni ababefake kuzo amathangi amanzi bawakhipha bahamba nawo .

Nakuwo lo mgwaqo benze kanjalo njengoba uhleli ugcwele izindundum­a,” kuchaza uLanga.

Ekuqaleni kwale nyanga uNksz Mavimbela wethule uhlelo lwezolimo njengoba kuyinyanga yokuphendu­la amasimu ezindaweni eziningi.

Nokho eNquthu, KwaHlazaka­zi, abantu bakhona abakwazi ukulima ngenxa yalo mdonsiswan­o.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa