Umsindo ngomgwaqo ovimbe izinhlelo zolimo
UNGQONGQOSHE wezobuCiko, amaSiko neMidlalo KwaZulu-Natal uNksz Hlengiwe Mavimbela ufuna incazelo emuva kokuzwa ukuthi umphakathi waseNquthu sekuphele iminyaka ungakwazi ukulima ngenxa yomgwaqo obangwa yi-ANC noMasipala waseNquthu ukuba uqedelwe ovimbe amasimu.
Lo mgwaqo oKwaHlazakazi ku-ward 2 ngaphansi kwekhansela uMnuz Ncinci Langa kuthiwa wavaleka ngesikhathi kuza ukhetho lokuchibiyela eNquthu olwaba undabamlonyeni. Kuthiwa amaloli omgwaqo ayehla enyuka efaka izindunduma zokuwakha ukuze kuhambe izimoto njengoba ubuhamba kuphela ogandaganda bokulima nezinkabi obekulinywa ngazo.
UNksz Mavimbela uthe ubengazi ukuthi abantu bakule ndawo abasakwazi ukulima amasimu abo ngenxa yalesi simo.
“Ngizofuna incazelo ezinhlangothini zombili ezithintekayo ukuze sikwazi ukuba sithole isixazululo ngoba kungaba yingozi okwamanje ukuqale ngikhulume ngalolu daba ekubeni ngingakezwa ukuthi yini umsuka walo, nokuthi ngabe lowo mgwaqo owesifundazwe noma okamasipala yini,” kusho uNksz Mavimbela.
Okhulumela uMasipala waseNquthu, uMnuz Thokozani Nyandeni, uthe lo mgwaqo wagugulwa yi-ANC ngesikhathi kuza ukhetho kwathi uma kudlula ukhetho ayangabe isawuqedela wasala kanjalo.
Usotswebhu we-ANC eNquthu, uMnuz Joe Motloung, yena ukhomba ngenjumbane umasipala ukuthi yiwo okufanele ulungise lo mgwaqo.
“UMasipala waseNquthu kufanele engabe kade wawulungisa lo mgwaqo kodwa kuze kube manje abantu baKwaHlazakazi bayahlupheka abalimi ngenxa yokuthi umasipala akaziguguli izindunduma ukuze abantu bakwazi ukuhamba bayolima,” kusho uMotloung.
Ikhansela uLanga lithe i-ANC yiyo eyavala lo mgwaqo okwakuyindlela yezinkabi zokulima nogandaganda ngezindunduma bethi benza umgwaqo bezama ukuthenga amavoti.
“Kuthe uma behlulwa okhethweni lwango-2017 bashiya kanjalo, kwathi ezindaweni ababefake kuzo amathangi amanzi bawakhipha bahamba nawo .
Nakuwo lo mgwaqo benze kanjalo njengoba uhleli ugcwele izindunduma,” kuchaza uLanga.
Ekuqaleni kwale nyanga uNksz Mavimbela wethule uhlelo lwezolimo njengoba kuyinyanga yokuphendula amasimu ezindaweni eziningi.
Nokho eNquthu, KwaHlazakazi, abantu bakhona abakwazi ukulima ngenxa yalo mdonsiswano.