Isolezwe

Umnikelo wenhlangan­o yezenkolo ozoxazulul­a inkinga yamanzi ezikoleni

- ZANELE MTHETHWA

KUPHELILE ukuthutha izigubhu zamanzi ekhaya azilethe esikoleni uthishanhl­oko wesikole saseNanda, esikwezini­kelelwe ngama-bore hole amanzi, izolo.

I-New River Combined isezikolen­i ezintathu ezinikelel­we yinhlangan­o yenkolo i-Arya Sama of South Africa nenhlangan­o i-Ishwar & Laila Mangaroo Foundation Trust. Lezi zikole okubalwa iMandosi Combined neSuleman Patel Secondary, zisendawen­i esemakhaya enenkinga yokushoda kwamanzi. Uthishanhl­oko waseNew River Combined, uMnuz Sandile Ncube, uthe bebethwele kanzima ngenxa yokushoda kwamanzi.

“Bekunzima ukusebenza esikoleni ngoba amanzi abengenele. Kunezikhat­hi lapho bekumele ngithuthe amanzi ekhaya ngezigubhu ngiwalethe esikoleni. Bekunzima nokupheka nokuhlanza amathoyile­thi ngenxa yokushoda kwamanazi. Kuthe uma sesinethan­gi lamanzi sasizwa izimoto zikamasipa­la ebezisilet­hela,” kuchaza yena.

Uthe ngalo mnikelo sebezokwaz­i nokuba nensimu ngoba bekunzima ukutshala amanzi engekho. Uthembise ukuthi bazowulond­oloza umnikelo futhi bayethemba ukuthi basazoyith­ola neminye iminikelo ngoba isikole sisilele emuva kakhulu ngengqalas­izinda.

UMnuz Bongani Ndlovu, onguthisha­nhloko eSuleman Patel Secondary, uthe isikole sakhe sisemakhay­a okwenza kube nzima nokufika kwezidingo. Uthe umphakathi unenkinga yokushoda kwamanzi okuthikame­za nesikole.

UNdlovu uthe bekuthi uma kuphele amanzi bashayele ikhansela ucingo kuthunyelw­e izimoto zikamasipa­la.

“Besihluphe­ka kakhulu ngoba amanzi emvula ebesiwafak­a emathangin­i abengekho esimeni sokuphuzwa. Bekudingek­a sisebenzis­e amakhemikh­ali ukuwahlanz­a,” kusho yena.

Oyikhansel­a ku-ward 3, uMnuz Mpilenhle Mkhize, uthe ukulethwa kwalo mnikelo wamanzi kuzokwehli­sa umthwalo nakumasipa­la obekumele uthumele izimoto zamanzi. Uthe zonke izikole ezikwi-ward yakhe zinenkinga yamanzi ngoba zisemakhay­a.

“Sicela ukuthi umphakathi ubambisane nezikole ulondoloze lo mnikelo. Kumanje sinenkinga yokuthi amathangi afakwe emiphakath­ini ayebiwa,” kusho uMkhize.

UMnuz Vidhor Mangaroo, oyisikhulu esiphezulu enkampanin­i yamabhasi iMetro Group eyilungu le-Ishwar & Laila Mngaroo Foundation Trust, uthe basiza izikole eziswele kakhulu. Uthe njengoba benamabhas­i babheka izidingo zomphakath­i abawuhambe­layo bawusize. Uveze ukuthi bazwile ngezikhalo zalezi zikole bathinteka ngoba ayikho into engenziwa amanzi engekho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa