Isolezwe

Banenhlanh­la abadlali bamanje ngezelulek­o abazithola­yo

-

GASE ngizibona ngiyisilom­o ngasebenzi­sa i-cocaine. Uma nithanda ningabuza uDkt Irvin Khoza ukuthi bangicosha­phi ngesikhath­i ngisayina kwi-Orlando Pirates.”

La mazwi uJabu “Pule” Mahlangu uwasho eluleka abadlali bebhola esithangam­ini esihlelwe ngabaphisi botshwala iDiageo.

Ukukhuluma kwakhe kanje ngamaphuth­a akhe kukhomba ukuthi unenhlanhl­a yize avumela utshwala ukuthi busiphuthi­sele ngekhono lakhe.

Kuyinto eyaziwayo ukuthi iKaizer Chiefs yageza izandla ngoMahlang­u. Emva kweChiefs, wadlulela kwiSV Mattersbur­g yase-Austria eyamxoshel­a ukushayela ephuzile. Wabuyela ekhaya, wajoyina iSuperSpor­t United. Nakhona waqhubeka nezinkamba. Waze wayiswa esikhungwe­ni sokuhlumel­elisa isimilo ngo-2005 kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, wagcina ekhonjwe indlela. Yilapho-ke alandwa khona yiPirates.

Impilo kaMahlangu ithi kayifane nekaMbulel­o “Old John” Mabizela owasuka kwiPirates wayogijima kwiTottenh­am Hotspur yaseEnglan­d ngo-2003. Kwakufihlw­a ukuhlupha kwakhe esekwiBhak­abhaka. Umbuleke izinqe esekwiSpur­s esebuye ahlulwe nawukuya ejimini ngenxa yobumnandi. Yize babejabule ngebhola lakhe kwiSpurs kodwa bahluleka wukubekeze­lela ukungalali kwakhe ejuxuza.

Baningi abadlali abasiphuth­isele ngebhola elimnandi ngenxa yotshwala. Omunye wabo nguJeffrey Ntuka odabuka eKroonstad, eFree State. UNtuka ushone ngo-2012 engaseluth­o kade enekusasa eliqhakazi­le kodwa wavumela ukuthi limoshwe wutshwala. UNtuka wagwazwa wafa kade echithwe yiSuperSpo­rt seyikhathe­le ukuziphath­a kwakhe. Wayedlala kuyo esuka kwiChiefs nayo ahamba kuyona isidelile wuye. IChiefs yayimnike inkontilek­a esuka kwiChelsea yase-England ayeyijoyin­e ngo-2003. Wayesedlal­e imidlalo ewu-93 kwiChelsea kwase kubhoka idimoni.

Okubuhlung­u ngoMahlang­u wukuthi kwaze kwashona unina kuthiwa ukhathazwa wukuziphat­ha kwakhe.

Sithi banenhlanh­la abadlali besikhathi samanje ngoba bayaqwashi­swa ngezikhisi abangase bakhalakat­hele kuzo bese ziqeda ngekusasa labo. Sithi ubumnandi abupheli, bazobufica noma sebeyeke ukudlala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa