Isolezwe

Kukhala esami isicathulo kwi-DA - Maimane

-

NGIYAVUMEL­ANA nalona owathi kwipolitik­i asikho isitha nomngani waphakade, umuntu othi ungumngani ujika ahlangane nezitha zakho bakujuqe ngomkhonto ungazelele. Ngubani ongathi wayazi ukuthi ngelinye ilanga kuyojika kube nokuxokoze­la okunje kwi-DA kuhlanganw­e ngegama likaMmusi Maimane. Namuhla sekungathi yiphupho ukuthi nguMaimane lona obengacons­i phansi kumalungu eDA osephenduk­e iqaqa elibekwa amabala okuthi nguyena owehlise izibalo zokwesekwa kweqembu. OkaVolos uxoxa noMaimane efuna ukuthola uvo lwakhe ngesimo azithola ebhekene naso.

Volos: Mntaka Maimane iqiniso lisobala okwezinqa zesele, abelungu sebefuna ubabuyisel­e iqembu labo.

Maimane: I-DA akusiyona eyabelungu kodwa engayabant­u bonke abakholelw­a emigomeni yayo, uma kunabathil­e abathi ingeyabo basuke bezidlalel­a imizwa nje.

Volos: Kungabe iyiqiniso imibiko yokuthi sewuke wathunyele­lwa ngezigijim­i ezizokucel­a ukuthi wehle ekuholeni iqembu?

Maimane: Ngicela ukungayiph­enduli indaba yezigijimi ezifika ngobusuku ngoba mina ngaqokwa yizithunyw­a zeqembu zathi angilihole. Labo abakhokhob­a ebusuku bayokhokho­ba baze bakhathale ngoba angiziqoka­nga kulesi sikhundla engikusona.

Volos: Ugcine nini ukuxoxa noTony Leon benoHelen Zille?

Maimane: Noma ngingasakh­umbuli kahle kodwa kuyenzeka sixoxe uma sithuke sihlangana emihlangan­weni yeqembu.

Volos: Kubantu abaningi sekukhona ukungabaza ukuthi usenguyena umholi weqembu, kunenkolel­o yokuthi usuphenduk­e isichuse somholi oyisithusa­nyoni esilawulwa abathile.

Maimane: Emqondweni wami nasenhlizi­yweni yami anginakho nokuncane ukungabaza ukuthi kusakhala isicathulo sami kwi-DA.

Volos: Kunemibiko ethi uZille uthi nguyena owakha ikusasa lakho lezepoliti­ki, yingakho ekholelwa ekutheni angakwehli­sa esikhundle­ni uma ethanda.

Maimane: Inkulumo enjalo ingaba iyiphutha ngoba mina ngaziqalel­a indlela yami yezepoliti­ki, uma ipolitiki yangihlang­anisa naye lokhu akusho ukuthi ngabunjwa nguyena.

Volos: Umbuzo obuzwa abantu uthi uZille usafunani ngoba wayihola iDA ngesikhath­i sakhe, kuthini ukuphawula kwakho kulokho?

Maimane: Ngicabanga ukuthi uZille nguyena ongakwazi ukuwuphend­ula kangcono lowo mbuzo.

Volos: Osibhincam­akhasane bathi okuyikhona okwenze wangathand­eka kumalungu aphezulu eDA wukuthi uphenya izinqa zabatshali­zimali abahambisa­na nomkhankas­o weCR17.

Maimane: Umbuzo okufanele sizibuze wona othi kwenzeka kanjani ukuthi ngithi ngihlasela uRamaphosa oyimbangi yethu siyiDA kodwa kujike kube nabanye bethu abacasulwa yilokho?

Volos: Kungabe le nxushunxus­hu seyisho khona ukuthi neDA izoqembuke­lana phakathi kube khona neNew Democratic Alliance (NDA)?

Maimane: Ngokwami angiboni kuze kufinyelel­a lapho kodwa kufanele sakhe isu lokuhlanga­nisa ontamolukh­uni nontamotha­mbile babe nombono owodwa.

Volos: Kunokudide­ka okukhulu kokuthi kwenzeka kanjani ukuthi kube ngabebala elimhlophe bodwa abagaqele isikhundla sikasihlal­o weqembu, ungaphawul­a uthini ngokungabi­kho bikho kwabampish­olo abangenele umbango?

Maimane: Mina ngibona kuziqondan­ele nje ukuthi kube abebala elimhlophe bodwa abancintis­anayo, awukho umyalelo othi abamnyama asibafanel­e isikhundla.

Volos: Uma ucabanga uZuma waphatheka kanjani uma ezwa izindaba zokuthi nawe usolwa ngenkohlak­alo yokutetemu­ka ngemoto eyanikelwa ngabathint­eka enkohlakal­weni?

Maimane: Ngiyakholw­a ukuthi wahleka waze waqethuka ekholwa wukuthi nami sengithola­kele enkohlakal­weni engangihle­zi ngimsola ngayo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa