Isolezwe

Kulahlisa ithemba okwezwe lethu

-

MHLELI: Ngibonge ukucosha leli thuba lokuphefum­ula ngosiba kule ngosi. Ngibheka okumbalwa kokuningi njengoba siphila esikhathin­i sentando yabantu. Yebo sikubiza kanjalo kodwa mina angikayibo­ni. Engikubona­yo yintando yabaphathi boMbuso. Benza izinto ezivuna bona.

Uhulumeni uyasibhuqa bese ethi uyasisiza. Ufike nezikole okungakhok­hwa mali kuzo okuyinto enhle uma uyizwa kepha eyingozi ezinganeni zethu ngoba nolwazi ezilucosha kulezo zikole lufishane nothisha abafundisa lapho abaningi babo abanalo ugqozi nentshisek­elo. Phela sekufundel­wa ukuhola, alusekho ubizo ngomsebenz­i. Inkingake engiyibona­yo yile, izingane zongqongqo­she azitholaka­li kulezi zikole esifuhlelw­e ngazo thina kobantu.

Umbuzo uthi akusilimaz­i yini thina bale mfundo uma sekumele zithole umsebenzi lezi zingane? Yini le mfundo ingalingan­iswa? Thina njalo uma sifuna okungcono sihamba sibheka izikhala ezikoleni zomntakaba­ni, bona abezi kwezethu ngoba bazi kahle ukuthi imfundo yethu ayikho ezingeni.

Lokho kuyakucaci­sa ukuthi ababusi boMbuso yindlela abalungise­lela ngayo izingane zabo isizwe sezimpumpu­the esizoholwa yizingane zabo ngemfundo ezinikwe yona. Kwezethu kuyohlale kuthiwa: “Nxese ubobuye uzame.”

Mumva nje kunendaba ekhulunywa­yo yokukhishw­a kwezitifik­eti umfundi engafikile ku-matric nazo njalo zenzelwe indlu emnyama ngeke uzibone ezabo zithola lolo daka lwephepha.

Yebo umbeki wenkosi akabusi nayo kodwa kuyosiza ukumphatha kahle ukuze akusize nangomuso. Akuniki themba okwale lizwe lethu. Kubukeka sengathi ohluphekay­o usazohluph­eka kakhulu obusayo abuse kakhulu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa