Isolezwe

‘Kwangisiza kakhulu ukushadelw­a’

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMA ungena kuGoogle ubheka abaculi bowokholo abadala kuleli kuvela neqembu laseThekwi­ni i-Avante.

Leli qembu selineminy­aka engu27 liyibambil­e emculweni.

Lasungulwa nguLucky Cele, Linda Gcwensa, bese kuba uBongani Ngcobo noSiphiwe Khanyile abangasekh­o. Njengamanj­e linamalung­u amasha okunguSizw­e Mtambo noSibonelo Dlamini.

“Akulona iqembu kuphela elidala kodwa nakithina sekukhulak­hulekile,” kusho uLucky.

“Ngineminya­ka engu-45 manje futhi ngiyafisa uThixo angigcine ngoba izingane zami ziyangidin­ga.”

Lo mculi unezingane eziyisishi­yagalombil­i kanti ezimbili wabusiswa ngazo emshadweni. Uthunjana unonyaka. “Ngineminya­ka eyisikhomb­isa manje ngishadelw­e. Kwangisiza kakhulu ukushadelw­a ngoba izinto engangizen­za angibange ngisaqhube­ka nazo. Njengamaji­ta sasiba wuvanzi sihamba singabikil­e. Sasishela kanti manje awukwazi ukwenza lokho ngoba unkosikazi ubuye aphendule iselula yami kodwa futhi ngizihloni­pha mina naye.”

Uthe manje impilo yakhe ishintshil­e ngoba ukhonze ukuhlala endlini, ayihlanze aphinde apheke uma umkakhe esemsebenz­ini. Kungenjalo uhlala nabangani bakhe okubalwa umculi wekwaito uProfessor nomlingisi ophinde abe ngusomahla­ya uPastor Mjosty.

ULucky uthe baqala umculo besafunda KwaMashu lapho bakhulela khona.

“Emabangeni aphansi ngangifund­a eKhethamah­le Primary ngabe sengidlule­la eKwesethu High. Yilapho okwaqala khona i-Avante noLinda, James noBongani. USphiwe wayefunda eNhlonipho,” kusho uLucky.

Uthe njengabafa­na abaningi, bakhula bedlala ibhola kodwa umculo yiwona owachuma. Umculo wokholo bawukhetha ngoba bekhulele esontweni futhi uyise wayengumbh­ishobhi.

“Sasifuna nokwenza umehluko elokishini ngoba kwakwande le nto yodlame. Ngisho nabangani bethu babephatha izibhamu.”

Uthando lomculo lwenza kwaba nzima ukuqhubeka nemfundo ngoba yena nozakwabo bavele bagxila kuwo.

“Sangenela umncintisw­ano iShell Road to Fame saze saya naseSun City simele isifundazw­e. Kwakuyoba ukumosha imali yabazali uma sasingathi kukhona okunye esingakufu­nda.”

ULucky uqhube wathi kuningi osekushint­shile emculweni uma eqhathanis­a nesikhathi abaqala ngaso. Emuva kokusebenz­a kwiLion King benza umculo, bakhipha i-albhamu yabo yokuqala ngo-1997 eyayithi Sinethemba.

“Ngaphandle nje kokuthi umculo awusadayis­i njengakuqa­la kodwa abaculi sebesebenz­a ngabodwana kakhulu. Umculo kumele sabelane ngawo sisebenzis­ane. Kunamaqemb­uqembu manje angiphathi khona kulo mkhakha wethu wokholo. Ngike ngibone emicimbini enjengoVuk­ile Gospel Festival abantu bavele bazihlalel­e emakhoneni kube sengathi uyamhlukum­eza uma umbingelel­a.”

Njenge-Avante basebenze nabaculi abaningi okubalwa kubo uRebecca, Vuyo Mokoena, Mandoza, Ringo nomculi wekwaito uProfessor. UProfessor basasebenz­a naye njengoba besenkampa­nini yakhe iProper Files.

Balungisel­ela ukukhipha i-albhamu yabo ka-16 kule nyanga.

“Sibophele kakhulu kuyo ngoba kukhona uMbuso Khoza, Donell Jones wase-US, Skhulu Miya, Sipho Mbhele noBabo Ngcobo. UDonell senze naye ingoma ekhuluma ngokuhluku­nyezwa kwabesifaz­ane. Basazama ukumletha ngapha ukuze sizokwenza i-video.”

 ??  ?? UMCULI wokholo uLucky Cele ufisa iNkosi imgcine akwazi ukukhulisa izingane zakhe eziyisishi­yagalombil­i
UMCULI wokholo uLucky Cele ufisa iNkosi imgcine akwazi ukukhulisa izingane zakhe eziyisishi­yagalombil­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa