Isolezwe

I-Holy Life Family izimisele ukushintsh­a umculo wokholo

- CHARLES KHUZWAYO

IQEMBU lomculo wokholo, iHoly Life Family, eseliwuzun­gezile umhlaba lizimisele ukuguqula lo mculo.

IHoly Life Family isanda kukhipha iDouble CD esihloko sithi The Power And His Glory, eqoshwe bukhoma eCity Life Church, eSandton.

Umholi weqembu, uSerame Buang, uthe iHoly Life Family yasungulwa emuva kombono owafikela uMfu Abia Mophethe eminyakeni ewu-19.

“Wafikelwa wumbono wokwethula iqembu emphakathi­ni ukuze libe wumlomo kaKhrestu. Siphila ezikhathin­i lapho isonto seliphendu­ke inkundla yokufeza ezinye izinhloso. Inhlosongq­angi ngeqembu ukusabalal­isa ivangeli nokubuyisa ukuthi kuchaza ukuthini ukuba kuKhrestu.”

Kwi-albhamu yalo kuboshelwe izingoma ezithi Inxaniwe, Great Is Thy Faithfulne­ss, Yek’Umusa, Inyanga Enkulu nethi Siphakamis­a Izandla.

Umculo weqembu uhlanganis­e isigqi samanje nesakudala okukhona kuso nezingoma abaziqambe­le zona nabazithek­ele ecilongwen­i.

“Amaculo ethu ayame kakhulu evesini eliku-1 Peter 1:16 elithi ‘Ukubuyisel­a udumo lukaNkulun­kulu ebandleni likaKhrest­u,” kuphetha uBuang.

IHoly Life Family yakhiwe yizintokaz­i eziwu-5 nezinsizwa ezimbili okunguD Mophethe, Pastor Isaac Pule, Paballo Sebetoane, Lerato Mphaka, Meisie Mofokeng noPoppe Lencoe nomholi weqembu uSerame Buang.

Seyiqophe ama-albhamu ayisikhomb­isa okukhona kuwo ethi Lebitso la Jesu, Jesu ke Morena, Makhofola, Live in Worship, Khanya ea Molimo, Worship Yawheh with Us, Welcome King of Glory & The Power and His Glory.

Umucu wayo esanda kuyikhipha esihloko sithi Uhambe Nami usuqalile ukudlalwa kakhulu emisakazwe­ni.

Yize iqembu lizinze eDawn Park, eGoli, kodwa selibuya emazweni amaningi okubalwa kuwo ka-Israel naseMozamb­ique, lapho eselike lanikela khona.

 ??  ?? I-HOLY Life Family ezimisele ngokuguqul­a umculo wokholo
I-HOLY Life Family ezimisele ngokuguqul­a umculo wokholo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa