Isolezwe

UBusiswa ululeka abaculi ngokuzimel­a

- FANELESIBO­NGE BENGU

UBUSISWA uthi uma ungumculi wesifazane asikho isidingo sokuthi kube khona olala naye ukuze uqhakaze emculweni.

Lo mculi ukusho lokhu eluleka abaculi ababukela kuye njengoba esevule inkampani yakhe yokuqopha iMajesty Music.

“Ithalente lakho yilo elizokubek­a lapho okumele ube khona. Yilo futhi elizokufak­a endimeni liphinde likugcine usesicongw­eni. Kumele usebenze ngokuzikha­ndla, ungalali kodwa usebenze kakhulu,” kusho uBusiswa.

Uthe njengoba esenenkamp­ani yakhe nje, wukuthi inkontilek­a yakhe neKalawa yaphela ngonyaka odlule.

“Ngisebenze ngedwa unyaka wonke futhi manje ngivula inkampani yami ukuze ngizokwenz­a ibhizinisi ngendlela, ngihlele izinto ukuze ngizoseben­za nabanye abaculi,” kusho uBusiswa.

Uthe isinqumo sokuzimela usithathe emuva kokubona ukuthi usebe ngaphansi kwenkampan­i iminyaka eyisithuph­a.

“Ngibone ukuthi ngifunde okuningi ngokwanele, sekuyisikh­athi sokuzimela. Sengibe ngedwa isikhathi esiwunyaka. Lokhu kungenze ngabona ukuthi ngenza kahle futhi sengikulun­gele ukuthatha elinye igxathu okuwukuqal­a inkampani yami. Nginethemb­a lokufaka izindlovuk­azi ezincane nabanye besifazane emculweni sishintshe izinto.”

Uqhube wathi okwamanje inkampani usafuna ukuyikhuli­sa ngokwanele ngaphambi kokulanda abanye.

Lo mculi usanda kukhipha ingoma entsha ethi Drinks on Me ayenze noPex Africah bapika u-Oskido noXelimpil­o.

Uthe unenqwaba yomculo omusha ozayo futhi ngoNovemba uzokhipha i-albhamu iSummer Deluxe.

“Ngikulunge­le ukuba nehlobo elihle futhi ngihlale nginomculo omusha ozayo. Ngiyaseben­za, ngeke ngiyeke ukusebenza ngoba umculo yiyona nto ephambili nesemqoka.”

 ??  ?? UMCULI uBusisiwa usesungule inkampani yakhe yokuqopha iMajesty Music
UMCULI uBusisiwa usesungule inkampani yakhe yokuqopha iMajesty Music

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa