Isolezwe

‘Akulutho ukuthanda Amakhosi’

- LUNGILE MAJOKA

UMDLALI osanda kufika kwiCape Town City, uMark Mayambela, uzoke akubeke eceleni ukuba wumlandeli weKaizer Chiefs uma sebebheken­e nayo kodwa alwele ukufaka ezakhe emzuliswan­eni olandelayo weTelkom Knockout.

ICity izokwamuke­la iChiefs emdlalweni weLast 16 eCape Town Stadium ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama.

Ngesikhath­i uMayambela ekhuluma nabezindab­a kuleli sonto ukuvezile ukuthi ukhule ezifela ngaMakhosi. Nokho uthe konke lokho uyakukhohl­wa uma sekumele abhekane nawo kangangoba ulinyusa ngenye indlela izinga lokudlala.

“Kusukela ngimncane benguwumla­ndeli wayo (iChiefs). Mhlawumbe yingakho njalo uma ngidlala nabo ngigqugquz­eleka ngenye indlela ngenxa yaleyo ndawana yokuyithan­da enginayo,” kusho uMayambela.

Uma uMayambela esithola isikimu kuzobe kuwumdlalo wakhe wesibili kwiCity. Uyijoyine ekuqaleni kwenyanga emuva kokuhlala engenankon­tileka selokhu ahlukana neChippa United ekupheleni kwesizini edlule. Emdlalweni wakhe wokuqala ushaye igoli yize iqembu ligcine lihlulwe AmaZulu FC ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p.

“Uma uwumdlali uhlezi uyibheke ngabomvu imidlalo efuze lena. Ukudlala neChiefs kuyinto enkulu futhi-ke isefomini enhle. Ngithemba ukuthi ngizokwazi ukusiza iqembu lami lidlule esigabeni seLast 16,” kusho uMayambela.

Leli nxele liqale ukugqama ebholeni lisadlalel­a iBloemfont­ein Celtic lapho ligcine liteketisw­a ngo“Professor” ngenxa yendlela ebelilikhu­lumisa ngayo ibhola enkundleni.

Like lasayina kwi-Orlando Pirates kodwa langalitho­la ijezi kodwa isikhathi esiningi sayibuka nezihlelwe imidlalo ngesikhath­i eZimnyama zinqoba izindebe zilandelan­a phakathi kuka-2010 kuya ku-2013.

UMayambela ubona iCity njengeqemb­u elikhulu futhi elifanelwe wukunqoba izindebe.

“Ngokwami iCape Town City nayo iyiqembu elikhulu. Kumele siyiwine indebe. Asidingi kube womunye umuntu ositshela lokho. Sinabo abadlali abanamava okunqoba izicoco njengoMpho Makola noKermit Erasmus. Nami ngokwami ngiyafuna ukunqoba indebe,” kusho uMayambela ongowokuza­lwa eKapa lapho esebuyele khona.

Uthe nokuba nomqeqeshi ongumnqobi njengoBenn­i McCarthy kuyabagqug­quzela.

“UBenni ungumnqobi. Wayekukhom­bisa lokho ngisho sisadlala naye kwiPirates. Nguyena obesihola esikhuthaz­a ukuthi silwele ukuwina ngaso sonke isikhathi. Kusenjalo namanje. Yingakho ngikholwa wukuthi uzokhula kwezokuqeq­esha akwazi nokumelana nezinye izimo ngendlela ehlukile, aphinde aphumelele,” kusho uMayambela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMARK Mayambela weCape Town City ephendula imibuzo ngaphambi komdlalo wabo weTelkom Knockout Last 16 neKaizer Chiefs eCape Town Stadium kusasa ngo-3 ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMARK Mayambela weCape Town City ephendula imibuzo ngaphambi komdlalo wabo weTelkom Knockout Last 16 neKaizer Chiefs eCape Town Stadium kusasa ngo-3 ntambama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa