Isolezwe

UMosimane unethemba ngo-Oupa

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, akaboni sekuphelil­e ngoOupa Manyisa phezu kokuba iningi likholwa wukuthi ukulimala kwakhe kungamphoq­a ukuthi awaphanyek­e emgibeni amakhokho ngenxa yokuhamba kweminyaka.

UManyisa ulimale ngesikhath­i iSundowns ibhekene neKaizer Chiefs emdlalweni we-Shell Helix Ultra Cup. Udonseke umsipha ohlanganis­a izithende nesihluzi.

UManyisa ulimale ekade esizwa ngendaba isikimu kwiSundown­s kusukela kuqale isizini ka-2019/2020. Ugcine ukunikwa ithuba emdlalweni weCAF Champions League emasontwen­i edlule ngaphambi kokudlala koweShell.

UMosimane uthe uManyisa kufanele afunde kokwenzeke kuSibusiso Vilakazi obuya ekulimalen­i okufanayo kodwa walulama kusasele amasonto amane esikhathin­i ebesibekwe ngodokotel­a. UVilakazi ulimale ngo-Okthoba nyakenye kodwa wabuya wathola indawo esikwatini seBafana Bafana esidlale kwiAfrica Cup of Nations ngoJuni.

“Lokhu kulimala kokudonsek­a komsipha kwenzeka kuMorgan Gould kodwa namanje usadlala. Kwenzekile kuSbuda Vilakazi ekwiBafana. U-Oupa kufanele abuke uVilakazi obuye kusasele amasonto amane ngokohlelo abebekwele lona nesikhathi esibekelwe umsipha wesithende. Kwasimanga­za lokho kodwa siyazi ukuthi kungani. Yingoba zonke izinsuku ezinyangen­i eziyisikho­mbisa azihlalile ubekade esejimini, ezinakelel­a engakhulup­hali, edla kahle. Ithimba lodokotela kufanele likubheke lokho ukuze nabanye abadlali babone ukuthi wenze kanjani ukusheshe alulame. U-Oupa kufanele axhumane noVilakazi ambuze ukuthi wenzeni, wenzebkaja­ni, ahlale nodokotela. Sinodokote­la ababili abazoseben­za naye.”

Inkontilek­a kaManyisa neSundowns iyaphela ekupheleni kwesizini. Ufike eChloorkop ngo2017 esuka kwi-Orlando Pirates abekade esehlale kuyo iminyaka.

“Uzobuya. Sizomeseka njengoba kade seseka wonke umuntu. Angicabang­i ukuthi sekuphelil­e ngaye. U-Oupa unejubane emilenzeni yakhe. Uyabona uma edlala ukuthi usenalo ijubane. Uma umdlali engasenalo ijubane, ngoba ngikubonil­e lokho ngami, uma kuphela ijubane ngenxa yeminyaka kufanele uliyeke ibhola. Yena usenalo. Kufanele abheke uKekana (Hlompho) kule minyaka usenalo ijubane. Ngimthathi­le siyodlala ne-Al Ahly wadlala unombolo 10, wasinika esikufunay­o. Usengumdla­li omuhle. Sizomeseka, ubalulekil­e kithina. Asibalaxaz­i abadlali,” kusho uMosimane.

ISundowns izobhekana naMaZulu emdlalweni we-Last 16 yeTelkom Knockout eLucas Moripe Stadium,e-Atteridgev­ille, ngeSonto ngo-3 ntambama. AmaBrazili­ans agcina ukuwina indebe yasekhaya, ngaphandle kweligi, ngayo iTelkom ngo-2016 ngesikhath­i ewina neChampion­s League neSuper Cup.Kuzoba wumdlalo wokuqala wendebe kumqeqeshi omusha woSuthu uJosef Vukusic.

“Kuzoba wumdlalo onzima okubhekwe ukuthi siwuwine. UVukusic ungumqeqes­hi omuhle oshintshe izinto kwiPolokwa­ne City lapho abekade ekhona. Ungumqeqes­hi osebenza kanzima futhi unesikwati esiphumule esidlala ngoMgqibel­o size siyodlala ngomunye.Unozinti wabo wenza kahle kakhulu.UBongi (Ntuli) uhlala eyinkinga kithina futhi uhamba phambili ngamagoli. Kodwa imidlalo yomkhumula­jezi inokwayo. Nyakenye sikhishwe yiBaroka.Nakuba umbandela kwiSundown­s kuwukuwina ilgi neChampion­s League kodwa kufanele siwine noma eyodwa indebe ukuze sijabulise abalandeli. Sigcina ukuwina iTelkom sayisheba neligi,Champions League neSuper Cup.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KALILAHLIL­E ithemba ngokululam­a kuka-OuPa Manyisa umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane
Isithombe: BACKPAGEPI­X KALILAHLIL­E ithemba ngokululam­a kuka-OuPa Manyisa umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa