Isolezwe

UMiddendor­p nengcindez­i yeCity koweTKO

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, uyazi ukuthi kufanele bajuluke ukuze bagudluze iCape Town City abazobheka­na nayo emdlalweni we-Last 16 yeTelkom Knockout eCape Town Stadium, kusasa ngo-3 ntambama.

IChiefs, ngelinye lamaqembu azoqala lo mqhudelwan­o eyizimfivi­lithi ngenxa yefomu ekuyona kwi-Absa Premiershi­p. Amakhosi asesicongw­eni se-log okuyinto ekade yagcina ukubonakal­a eNaturena.

Kodwa iyazi ukuthi injabulo yabalandel­i incike ezindebeni ezozidlale­la. IChiefs iyaqala ukudlalela indebe kusukela kuqale isizini ka-2019/2020 kwazise kade ingekho kwiMTN 8.

UMiddendor­p uthe kufanele balwe ngokuphind­iwe kunangesik­hathi bebhekene ne-The Citizens koweligi abawuwine ngo 2-1 emasontwen­i adlule.

“I-Cape Town City inesikwati esihle kakhulu, angingabaz­i ukuthi sizoyibeka ekubeni elinye lamaqembu amabili noma amathathu aphezulu ekupheleni kwesizini. Yilokho esikubheka­yo. Ukuthi okwamanje imaphakath­i ne-log akusho lutho.

“Inabadlali abasezinge­ni eliphezulu, kusukela kunozinti kuya kwaba sebhentshi­ni. Siqala lapho ukubheka. Sidlale kahle ngeledlule kowePSL eNewslands Stadium, ikakhuluka­zi esiwombeni sesibili. Akukho ukungabaza ukuthi kufanele sishaye into ecokeme osukwini ukuze siphumelel­e,” kusho uMiddendor­p.

IChiefs izodlala neCity sekubuye izethenjwa ebezikade zilimele uSamir Nurkovic, Siphosakhe Ntiya-Ntiya, Reeve Frosler noGeorge Maluleke.

NgoMgqibel­o odlule iChiefs ihlule iMamelodi Sundowns koweShell Helix Ultra Cup kodwa yakhala ngaphansi kwiBloemfo­ntein Celtic kwiMacufe Cup ngeSonto.

UMiddendor­p uthe nakuba iqembu lakhe likhombisa ukuhlangan­a kodwa zisekhona izindawo okufanele zilungiswe.

“Awuzange ungibone ngigijima nendebe ngoMgqibel­o ngibhiyoza. Awuzange ungibone ngiphoxeki­le ngimemeza (ngeSonto) ngesikhath­i singawutho­li umphumela esiwufunay­o.

“Ngikuthath­a kahle konke. Sinezikhat­hi emdlalweni okufanele senze kangcono kuze kufike lapho siwuphatha khona wonke umdlalo. Akukhathal­eki ukuthi udlala iMacufe, Shell Helix noma ungcweka neMoroka Swallows kufanele siwine.Sizama ukufaka lowo mqondo kusukela siqale amalungise­lelo esizini,” kusho uMiddendor­p.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa