Azidedelwe izinombolo zezinkunzi zawaseSoweto
NGIYAZIBUZA nje ukuthi kazi kungaba njani uma kungathiwa ilawu ebelilala umuntu othile ekhaya, ngeke lisasetshenziswa uma esedlulile emhlabeni njengendlela yokumhlonipha.
Nakho-ke sekunomgidi ekhaya, kugcwele abantu. Kodwa kuthiwa kukhona ilawu okungafanele nangengozi lithintwe ngoba umuntu owayelala kulona uyahlonishwa. Sekuyoze kusolwe ukuthi ‘kuhlala inyoka’ kulelo lawu ngoba alilokothwa livulwe ngenxa yokuthi sithi sihlonipha ongasekho.
Mhlawumbe nje ikhona imizi ekwenzayo lokho kuyo kodwa cha laphaya koGatsheni noma kungathiwa inxuluma liyisithabathaba njengelaseNkandla lobenguMengameli wezwe uJacob Gedleyihlekisa Zuma, akusoze kwenzeka lokho.
Amaqembu athathwa njengamakhulu kunobhutshuzwayo eNingizimu Afrika, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, anomkhutshana wawo awuqala kudala wokuthi izinombolo ezithize zamajezi ezazigqokwa yizinkakha ezashaya into icokome, kazithintwa nangengozi.
Uma ngikhumbula kahle kwiBucs ngezinombolo 10, 13, 22 ezingathintwa nangengozi ngoba kuhlonishwa ababezigqoka.
Unombolo 10 wawugqokwa yinkosi yebhola uJomo Sono, unombolo 13 wabe ungokaClifford Moleko, ongasekho. Unombolo 22 wawugqokwa yisibabuli somgadli, uLesley Manyathela naye ongasekho.
Okukanombolo 1, okwake kwavela ukuthi ngeke uphinde uthintwe, kuthanda ukudida. Nokho okwale nombolo kusekusha ezingqondweni zabalandeli bebhola eNingizimu Afrika ngoba wawugqokwa uSenzo Meyiwa. Namanje okungakaboshwa muntu ngokubulawa kwakhe, eVooslorus ngo-2014. Kodwa asingayithinti le ndaba yokufa kukaMeyiwa ngoba ithunuka abaningi nami uqobo.
UBrighton Mhlongo uke wawugqoka unombolo 1 kumasizini ambalwa adlule. Ngesikhathi ibuzwa iPirates ukuthi lokhu kwakwenzeke kanjani ngoba usihlalo weqembu, u-Irvin Khoza, wazisholo ngokwakhe ukuthi ngeke iphinde ithintwe le nombolo, akubanga khona impendulo ecacile. Njengamanje umdlali ogqoka le nombolo kweZimnyama uJoris Delle ongunozinti wePirates, odabuka eFrance. Ngizoshiya kulenga-ke lapho ngoba engibhala ngakho namuhla akuqondene nokushushisa iPirates mayelana nonombolo 1.
KwiChiefs inombolo engikhumbula ukuthi ayithintwa nangengozi unombolo 15 owawugqokwa yinkunzimalanga, uDoctor Khumalo. Umdlali omusha waMakhosi, uKearyn Baccus emasontweni edlule ucashunwe ethi angathanda ukugqoka unombolo 15. Kodwa kuthiwa uKhumalo akavumanga futhi akaphikanga, wathi konke kulele kwiChiefs. Nokho muva nje uKhumalo ucashunwe ethi: kufanele ube wumdlali osezingeni eliphezulu ukuze ugqoke unombolo 15. IChiefs ayithanga vu ngalolu daba.
Uma sikhuluma iqiniso ngempela, kungaze kube yinini kuthiwa inombolo ethile ayithintwa ngoba yayigqokwa ngumuntu othile? Uma kuya ngokuthi abadlali babuye badlule ngokuzuma emhlabeni, kungaze kube nini kuthiwa inombolo ethile ngeke iphinde ithintwe? Zingagcina ziphele zonke phela izinombolo kudlalwa umdlalo ongathi shu.
Ngokwami nje abadlali abanesifiso sokugqoka izinombo ezazigqokwa yizinkunzi zikanobhutshuzwayo emaqenjini amakhulu, kumele bavunyelwe ukwenza lokho. Phela abanye abafana bakhula benephupho lokufana nabadlali abafana noDoctor, Sono, Benni McCarthy nbanye, ngakho kumele bavunyelwe ukugqoka amajezi abantu abenza baba nentshisekelo yebhola.
Ngicabanga ukuthi uJomo angajabula kakhulu uma engabona umdlali ofana noSiphesihle Ndlovu, Thembinkosi Lorch noma uBen Motshwari, egqoke unombolo 10 eshaya into ecokeme. Angisho ukuthi laba badlali basondele kulokho okwakwenziwa uJomo ngezikhathi zakhe kodwa mhlawumbe nomdlali angavuka inj’ebomvu, abulale kwasani ephambi kwakhe egqoke ijezi lenkunzi eyake yabhekana ngqo noPele wodumo waseBrazil.
Mina nje kuthiwa ngiwuDoctor ngingajabula kakhulu ukubona unombolo 15 ushaluza enkundleni emuva kweminyaka engaka wabekwa. Angisho ukuthi uBaccus udlala njengoDoctor kodwa angisiboni nhlobo isidingo sokubeka ijezi ngoba nakhu laligqokwa umuntu othile. UDoctor yena kumele ayeke ukuziphakamisa kuze kweqe, azi ukuthi bakhona abadlali abadlala ibhola elingaphezulu kwelakhe, abasazodlalela iChiefs. Ngokwami uBaccus ungumdlali omuhle kakhulu. Kodwa angizami ukumqhathanisa noDoctor.
Ziningi izindlela zokuhlonipha abadlali, esingabala kuzona ukwenzelwa umdlalo oqondene ngqo naye umdlali wokumhlonipha, ukuqanjwa kwamagatsha athile ngamagama ezinkakha zabadlali, ukuqanjwa kwezingxenye ezithile zezinkundla zasekhaya ngenkakha esuke ihlonishwa nokunye.
I-Pirates neChiefs kumele bayeke ukuvala ilawu kungenasidingo noma izivakashi sezigcwele igceke. Ngeke kufe muntu ngokuthi kube khona abalala elawini elalilala umuntu ohloniphekile. Mhlawumbe nomnini welawu angajabula elibona lisebenza kunothuki livalwe kuze kulale isikhunta.
Awadedelwe amajezi ezinkakha zezinkunzi zaseSoweto, ezaduma kumaBhakabhaka naMakhosi. Uma kuqhutshekwa nokubekwa kwawo angingabazi ukuthi abadlali bazogcina sebeshoda ngezinombolo, zizophela nya.