URulani ucacisa ngoShonga nejezi
AMAGOLI amabili ashaywe ngumgadli we-Orlando Pirates, uJustin Shonga, eqenjini lesizwe ngempelasonto edlule awabukeki emakhele ugazi kumqeqeshi uRulani Mokwena kweZimnyama.
UShonga ushayele iZambia amagoli amabili ngesikhathi idlala ngokulingana ngo 2-2 neBenin kowobungani, phezu kokuba elizwa ngendaba ijezi kwiPirates futhi akakaze ashaye nelokubika kweZimnyama kule sizini.
Ngesizini edlule uShonga ubengumgadli ohamba phambili kwiPirates futhi engaconsi phansi kumqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic. Ushaye amagoli awu-12 emidlalweni ewu42 kweZimnyama.
Nokho kule sizini itshe ligaya ngomunye umhlathi. Kulezi zinsuku uMokwena udlalisa phambili uTshegofatso Mabasa obukeka emenzela umsebenzi.
Izolo, uMokwena uthe uMabasa yisona isizathu esenza uShonga angadlali.
“Ingqinamba (eyenza uShonga engadlali) nguMabasa. Inkinga ukuthi umbango wejezi ushubile. UShonga ubalulekile futhi usinika okuhlukile endleleni esidlala ngayo nangendlela okufanele sidlale ngayo uma ekhona. Uyazi ukuthi nakuba ebalulekile kodwa unabanye abagadli ababalulekile okufanele abange nabo ijezi okukhona kubona uMabasa ,Mhango (Gabadinho), Mulenga (Augustine) nomfana omncane uZakhele Lepasa. Bonke bangabagadli ababalulekile futhi bayazi ukuthi babaluleke kangakanai eqenjini,” kusho uMokwena.
“UShonga udlale kahle kakhulu edlalela iZambia ibhekene neBenin. Uwashaye kahle amagoli akhe amabili. Akuwona amaphenathi noma amakhona. Sihlale phansi naye sacubungula indlela adlale ngayo. Okwamanje ulwela indawo yakhe. Uyakuqonda ukuthi kufanele alwele indawo yakhe. Okwamanje uMabasa uyena odlalayo, kufanele abekezele alinde ithuba lakhe. Uma livela kufanele alisebenzise, angabheki emuva.”
UMokwena unengcindezi yokuguqula isimo kwiPirates elande ezintanjeni amabhola ayisishiyagalombili emidlalweni emithathu. Ngaphezu kwalokho kufanele abuyise injabulo kubalandeli bePirates kwazise sekuphele iminyaka yagcina ukuphakamisa indebe ngo-2014 ngeNedbank Cup. Ngesizini edlule ihlulwe kowamanqamu weTelkom Knockout yiBaroka sekuthenjiwe.
Kusasa ngo-6 ntambama eZimnyama zizokwamukela omakoti be-Absa Premiership, iStellenbosch kowe-Last 16 yeTelkom e-Orlando Stadium, eSoweto.
UMokwena uthe ulindele ubunzima kwiStellebosch kwazise leli qembu lishaya ngabaqeqeshi abamkantshubomvu.
“Sibheke umdlalo onzima. Akukaze kube lula ukudlala neqembu elisha futhi elingaziwa. Banethimba labaqeqeshi elinesipiliyoni. Umqeqeshi uSteve Barker unamava. WayekwiTuks, uyawazi lo mqhudelwano, uyayazi iligi futhi unomsizi omuhle uWesley. Basayinise kahle. Banabadlali abasha futhi bagcine umgogodla weqembu elibanyusele kwiPremiership ngesizini edlule. Lokho kwenza kube nzima ngoba bayazana,” kusho uMokwena.
“Ngekhefu sithole isikhathi sokubacubungula. Sibheke imidlalo yabo eyisishiyagalombili edlule. Sebeshintshe kakhulu. Sidlalalile nabo sizicijela ukuqala kwesizini. Kusukela emdlalweni wokuqala neChippa nangesikhathi bebhekene nePolokwane badlale ngezindlela ezihlukene kodwa asifuni ukunaka bona sizikhohlwe thina,” Imidlalo yeTelkom Knockout Last 16: Namuhla: Maritzburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 8pm)
Kusasa: Lamontville Golden Arrows v Polokwane City (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm); Cape Town City FC - Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Stellenbosch (Orlando Stadium, 6pm); SuperSport United v Baroka FC (Lucas Moripe Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Mamelodi Sundowns v AmaZulu FC (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Highlands Park v Black Leopards (Makhulong Stadium, 3pm)
NgoLwesibili: Chippa United v Bloemfontein Celtic (Sisa Dukashe Stadium, 7.30pm)