Isolezwe

Owe-Eagles ubeka iqembu phambili kunesokuqe­qesha

- NDUDUZO DLADLA

UZIBEKE ngemuva wajabulela abadlali umqeqeshi obambile kwiRoyal Eagles uMncedisi “Dada” Sibiya, ezakhe zinqoba umdlalo wokuqala kwiGladAfr­ica Championsh­ip ngoLwesith­athu.

I-Eagles ishaye iMbombela United ngo 1-0, wegoli likaMpho Khumalo eChatswort­h Stadium eThekwini.

USibiya uyibambe ishisa kwi-Eagles kwazise isanda kulaxazwa uMorena Ramoreboli obengumqeq­eshi, naloyo obeyimenen­ja yeqembu uRichard Makhoba. Sekungumla­ndo ukuthi uMorgan Mammila useyisikhu­lu esiphezulu kwiEagles.

Bese kubukeka sengathi alukho uzinzo kwi-Eagles kodwa ukufika kukaMammil­a nokuba nomgogodla kukaSibiya kubukeka sengathi kulisebenz­ele leli qembu elithole amaphuzu aphelele okokuqala kule sizini.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu ngoba abafana basebenze kanzima, nokuthi bese kubukeka sengathi bayehlulek­a wukunqoba kodwa bawathola amaphuzu aphelele. Empeleni ngokwami yonke imidlalo esiyidlali­le sidlale kahle, ukuthi nje bekuphika inhlanhla singenelwa amagoli ngemizuzu yokugcina. Ngijabulel­a ngokukheth­ekile abadlali ngoba sebezobuye­lwa ukuzethemb­a emidlalwen­i elandelayo,” kusho uSibiya.

Eqhubeka echaza lo mqeqeshi uthe abadlali be-Eagles banesikhat­hi esincane kakhulu bedlala ndawonye, ngakho badinga isikhathi ukuze bahlangane.

Banomdlalo onzima nokho kusasa njengoba bezobhekan­a noThongath­i FC olususa yonke into ephambi kwalo kulezi nsuku.

Lo mdlalo weGladAfri­ca Championsh­ip uzoba seChatswor­th Stadium ngo-3.30 ntambama.

“Sizobuyela emuva nethimba labaqeqesh­i sibuke ama-video abo ukuthi badlala kanjani. Ngenhlanhl­a ngiyasiqon­da isitayela sabo, sekuwukubh­eka ukuthi babuthaka kuphi bese singena ngalelo nxeba,” kubeka uSibiya.

Ebuzwa ukuthi ngabe uzimisele yini ngokuqashw­a ngokuphele­le ekubeni ngumqeqesh­i we-Eagles, uSibiya uthe: “Uma umphathi wami enginika isikhundla ngiyojabul­a kodwa ngiyafisa ukukucacis­a ukuthi angizelang­a izikhundla lapha kodwa ngizele ukuzosiza iqembu”. Imidlalo yeChampion­ship: Kusasa ngo-3.30 ntambama: Swallows FC - Ajax Cape Town (Volkswagen Dobsonvill­e Stadium); Pretoria University FC v Mbombela United (ABSA Tuks Stadium); Free State Stars - Cape Umoya United (Goble Park); Royal Eagles v Uthongathi FC (Chatsworth Stadium); Steenberg United v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (Athlone Stadium);

NgeSonto: ngo-3.30 ntambama: TS Sporting v Jomo Cosmos (Kabokweni Stadium); TS Galaxy v JDR Stars (Kameelrivi­er Stadium); Richards Bay v Real Kings (Umhlathuze Sports Complex)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa