Isolezwe

Uzifuna zinqobile ezakhe uJozef Vukusic

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI waMaZulu FC, uJozef Vukusic, ufuna ezakhe zinqobe noma yingayiphi indlela uma sezibheken­e neMamelodi Sundowns emdlalweni weLast 16 kwiTelkom Knockout (TKO), eLucas Moripe Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

Ngokusho kwalo mqeqeshi odabuka eSlovakia, nokudlala ngokulinga­na kulo mdlalo kungabasiz­a ukuthi badlulele phambili.

Lo mqeqeshi uthe bahlome ngayo yonke, kangangoba noma kungaqhamu­ka amaphenath­i bayokwazi ukumangaza amaBrazili­ans bawashaye.

“Uma ufuna ukushaya iSundowns akufanele udlale ngendlela edlala ngayo, kodwa kufanele ubheke izinto wena obukhali kuzona bese uzisebenzi­sa. Mhlawumbe sidinga ukuthi sidlale ngokulinga­na esikhathin­i esejwayele­kile, bese simincela amaphenath­i ukuze sinqobe. Okubalulek­ile ukuthi lona ngumdlalo womkhumula­jezi, ngakho noma yikanjani ukhona ozoliwasha,” kuchaza uVukusic.

Kule sizini Abafana Ba Style abakashawa kwi-Absa Premiershi­p, umdlalo abasehlulw­e kuwona ngoweSuper­Sport United ebashaye ngo 2-0 emlenzeni wesibili kwiMTN 8.

“Sithole isitha esihle, ngesikhath­i esisidinga­yo kwiSundown­s. Kuleli lizwe yibona abayiqembu elidlala into ecokeme. Ngilindele ukuthi basithwali­se kanzima, ngoba banabadlal­i abasezinge­ni eliphezulu. Nokho nathi sizilungis­elele kahle ngoba sinemidlal­o emibili yesihle, ngakho ngilindele ukuthi sidlale ngokuhlele­ka manje ikakhuluka­zi uma ubhekene neqembu elisezinge­ni elifana neSundowns,” kusho uVukusic.

Akucaci nokho noma uzobe yingxenye yini yalo mdlalo uTalent Chawapiwa ogijima ophikweni Osuthwini njengoba ephume kungasekuh­le ngesikhath­i iqembu liziqeqesh­a ngoLwesith­athu.

Ngeledlule Abafana Ba Style bashaywe yizimbangi zabo ezinkulu iKaizer Chiefs ngo 4-2 kwiShell Helix Ultra Cup.

Nakuba kade kuwumdlalo wesihle, uPitso Mosimane opheka iSundowns ubengeneme ngendlela abashaywe ngayo. UVukusic uthe ukushaywa kwezikaPit­so akusho lutho ngoba bazoza kubona bethelwe ngezimbonk­olo.

“Angiboni ukuthi umdlalo weChiefs ububalulek­ile kwiSundown­s. Uzokhumbul­a ukuthi sibhekene nabantu abanesikwa­ti esikhulu, futhi bakujwayel­e ukudlala imidlalo eminingi emiqhudelw­aneni eyahlukene,” kubeka uVukusic.

Kungenzeka kulo mdlalo abalandeli boSuthu babone uMario “Mnyango Wase-Mall” Booysen edlala umdlalo wakhe wokuqala woSuthu njengoba kulindelek­e ukuthi asayine noma yinini naleli .

 ??  ?? ERNST MIDDENDORP
ERNST MIDDENDORP
 ??  ?? JOZEF VUKUSIC
JOZEF VUKUSIC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa