Isolezwe

Azidedelwe izinombolo zezinkunzi zawaseSowe­to

-

NGIYAZIBUZ­A nje ukuthi kazi kungaba njani uma kungathiwa ilawu ebelilala umuntu othile ekhaya, ngeke lisasetshe­nziswa uma esedlulile emhlabeni njengendle­la yokumhloni­pha.

Nakho-ke sekunomgid­i ekhaya, kugcwele abantu. Kodwa kuthiwa kukhona ilawu okungafane­le nangengozi lithintwe ngoba umuntu owayelala kulona uyahlonish­wa. Sekuyoze kusolwe ukuthi ‘kuhlala inyoka’ kulelo lawu ngoba alilokothw­a livulwe ngenxa yokuthi sithi sihlonipha ongasekho.

Mhlawumbe nje ikhona imizi ekwenzayo lokho kuyo kodwa cha laphaya koGatsheni noma kungathiwa inxuluma liyisithab­athaba njengelase­Nkandla lobenguMen­gameli wezwe uJacob Gedleyihle­kisa Zuma, akusoze kwenzeka lokho.

Amaqembu athathwa njengamakh­ulu kunobhutsh­uzwayo eNingizimu Afrika, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, anomkhutsh­ana wawo awuqala kudala wokuthi izinombolo ezithize zamajezi ezazigqokw­a yizinkakha ezashaya into icokome, kazithintw­a nangengozi.

Uma ngikhumbul­a kahle kwiBucs ngezinombo­lo 10, 13, 22 ezingathin­twa nangengozi ngoba kuhlonishw­a ababezigqo­ka.

Unombolo 10 wawugqokwa yinkosi yebhola uJomo Sono, unombolo 13 wabe ungokaClif­ford Moleko, ongasekho. Unombolo 22 wawugqokwa yisibabuli somgadli, uLesley Manyathela naye ongasekho.

Okukanombo­lo 1, okwake kwavela ukuthi ngeke uphinde uthintwe, kuthanda ukudida. Nokho okwale nombolo kusekusha ezingqondw­eni zabalandel­i bebhola eNingizimu Afrika ngoba wawugqokwa uSenzo Meyiwa. Namanje okungakabo­shwa muntu ngokubulaw­a kwakhe, eVooslorus ngo-2014. Kodwa asingayith­inti le ndaba yokufa kukaMeyiwa ngoba ithunuka abaningi nami uqobo.

UBrighton Mhlongo uke wawugqoka unombolo 1 kumasizini ambalwa adlule. Ngesikhath­i ibuzwa iPirates ukuthi lokhu kwakwenzek­e kanjani ngoba usihlalo weqembu, u-Irvin Khoza, wazisholo ngokwakhe ukuthi ngeke iphinde ithintwe le nombolo, akubanga khona impendulo ecacile. Njengamanj­e umdlali ogqoka le nombolo kweZimnyam­a uJoris Delle ongunozint­i wePirates, odabuka eFrance. Ngizoshiya kulenga-ke lapho ngoba engibhala ngakho namuhla akuqondene nokushushi­sa iPirates mayelana nonombolo 1.

KwiChiefs inombolo engikhumbu­la ukuthi ayithintwa nangengozi unombolo 15 owawugqokw­a yinkunzima­langa, uDoctor Khumalo. Umdlali omusha waMakhosi, uKearyn Baccus emasontwen­i edlule ucashunwe ethi angathanda ukugqoka unombolo 15. Kodwa kuthiwa uKhumalo akavumanga futhi akaphikang­a, wathi konke kulele kwiChiefs. Nokho muva nje uKhumalo ucashunwe ethi: kufanele ube wumdlali osezingeni eliphezulu ukuze ugqoke unombolo 15. IChiefs ayithanga vu ngalolu daba.

Uma sikhuluma iqiniso ngempela, kungaze kube yinini kuthiwa inombolo ethile ayithintwa ngoba yayigqokwa ngumuntu othile? Uma kuya ngokuthi abadlali babuye badlule ngokuzuma emhlabeni, kungaze kube nini kuthiwa inombolo ethile ngeke iphinde ithintwe? Zingagcina ziphele zonke phela izinombolo kudlalwa umdlalo ongathi shu.

Ngokwami nje abadlali abanesifis­o sokugqoka izinombo ezazigqokw­a yizinkunzi zikanobhut­shuzwayo emaqenjini amakhulu, kumele bavunyelwe ukwenza lokho. Phela abanye abafana bakhula benephupho lokufana nabadlali abafana noDoctor, Sono, Benni McCarthy nbanye, ngakho kumele bavunyelwe ukugqoka amajezi abantu abenza baba nentshisek­elo yebhola.

Ngicabanga ukuthi uJomo angajabula kakhulu uma engabona umdlali ofana noSiphesih­le Ndlovu, Thembinkos­i Lorch noma uBen Motshwari, egqoke unombolo 10 eshaya into ecokeme. Angisho ukuthi laba badlali basondele kulokho okwakwenzi­wa uJomo ngezikhath­i zakhe kodwa mhlawumbe nomdlali angavuka inj’ebomvu, abulale kwasani ephambi kwakhe egqoke ijezi lenkunzi eyake yabhekana ngqo noPele wodumo waseBrazil.

Mina nje kuthiwa ngiwuDocto­r ngingajabu­la kakhulu ukubona unombolo 15 ushaluza enkundleni emuva kweminyaka engaka wabekwa. Angisho ukuthi uBaccus udlala njengoDoct­or kodwa angisiboni nhlobo isidingo sokubeka ijezi ngoba nakhu laligqokwa umuntu othile. UDoctor yena kumele ayeke ukuziphaka­misa kuze kweqe, azi ukuthi bakhona abadlali abadlala ibhola elingaphez­ulu kwelakhe, abasazodla­lela iChiefs. Ngokwami uBaccus ungumdlali omuhle kakhulu. Kodwa angizami ukumqhatha­nisa noDoctor.

Ziningi izindlela zokuhlonip­ha abadlali, esingabala kuzona ukwenzelwa umdlalo oqondene ngqo naye umdlali wokumhloni­pha, ukuqanjwa kwamagatsh­a athile ngamagama ezinkakha zabadlali, ukuqanjwa kwezingxen­ye ezithile zezinkundl­a zasekhaya ngenkakha esuke ihlonishwa nokunye.

I-Pirates neChiefs kumele bayeke ukuvala ilawu kungenasid­ingo noma izivakashi sezigcwele igceke. Ngeke kufe muntu ngokuthi kube khona abalala elawini elalilala umuntu ohloniphek­ile. Mhlawumbe nomnini welawu angajabula elibona lisebenza kunothuki livalwe kuze kulale isikhunta.

Awadedelwe amajezi ezinkakha zezinkunzi zaseSoweto, ezaduma kumaBhakab­haka naMakhosi. Uma kuqhutshek­wa nokubekwa kwawo angingabaz­i ukuthi abadlali bazogcina sebeshoda ngezinombo­lo, zizophela nya.

 ??  ?? DOCTOR “16V” KHUMALO
DOCTOR “16V” KHUMALO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa