Isolezwe

URulani ucacisa ngoShonga nejezi

- ZAKHELE XABA

AMAGOLI amabili ashaywe ngumgadli we-Orlando Pirates, uJustin Shonga, eqenjini lesizwe ngempelaso­nto edlule awabukeki emakhele ugazi kumqeqeshi uRulani Mokwena kweZimnyam­a.

UShonga ushayele iZambia amagoli amabili ngesikhath­i idlala ngokulinga­na ngo 2-2 neBenin kowobungan­i, phezu kokuba elizwa ngendaba ijezi kwiPirates futhi akakaze ashaye nelokubika kweZimnyam­a kule sizini.

Ngesizini edlule uShonga ubengumgad­li ohamba phambili kwiPirates futhi engaconsi phansi kumqeqeshi uMilutin “Micho” Sredojevic. Ushaye amagoli awu-12 emidlalwen­i ewu42 kweZimnyam­a.

Nokho kule sizini itshe ligaya ngomunye umhlathi. Kulezi zinsuku uMokwena udlalisa phambili uTshegofat­so Mabasa obukeka emenzela umsebenzi.

Izolo, uMokwena uthe uMabasa yisona isizathu esenza uShonga angadlali.

“Ingqinamba (eyenza uShonga engadlali) nguMabasa. Inkinga ukuthi umbango wejezi ushubile. UShonga ubalulekil­e futhi usinika okuhlukile endleleni esidlala ngayo nangendlel­a okufanele sidlale ngayo uma ekhona. Uyazi ukuthi nakuba ebalulekil­e kodwa unabanye abagadli ababalulek­ile okufanele abange nabo ijezi okukhona kubona uMabasa ,Mhango (Gabadinho), Mulenga (Augustine) nomfana omncane uZakhele Lepasa. Bonke bangabagad­li ababalulek­ile futhi bayazi ukuthi babaluleke kangakanai eqenjini,” kusho uMokwena.

“UShonga udlale kahle kakhulu edlalela iZambia ibhekene neBenin. Uwashaye kahle amagoli akhe amabili. Akuwona amaphenath­i noma amakhona. Sihlale phansi naye sacubungul­a indlela adlale ngayo. Okwamanje ulwela indawo yakhe. Uyakuqonda ukuthi kufanele alwele indawo yakhe. Okwamanje uMabasa uyena odlalayo, kufanele abekezele alinde ithuba lakhe. Uma livela kufanele alisebenzi­se, angabheki emuva.”

UMokwena unengcinde­zi yokuguqula isimo kwiPirates elande ezintanjen­i amabhola ayisishiya­galombili emidlalwen­i emithathu. Ngaphezu kwalokho kufanele abuyise injabulo kubalandel­i bePirates kwazise sekuphele iminyaka yagcina ukuphakami­sa indebe ngo-2014 ngeNedbank Cup. Ngesizini edlule ihlulwe kowamanqam­u weTelkom Knockout yiBaroka sekuthenji­we.

Kusasa ngo-6 ntambama eZimnyama zizokwamuk­ela omakoti be-Absa Premiershi­p, iStellenbo­sch kowe-Last 16 yeTelkom e-Orlando Stadium, eSoweto.

UMokwena uthe ulindele ubunzima kwiStelleb­osch kwazise leli qembu lishaya ngabaqeqes­hi abamkantsh­ubomvu.

“Sibheke umdlalo onzima. Akukaze kube lula ukudlala neqembu elisha futhi elingaziwa. Banethimba labaqeqesh­i elinesipil­iyoni. Umqeqeshi uSteve Barker unamava. WayekwiTuk­s, uyawazi lo mqhudelwan­o, uyayazi iligi futhi unomsizi omuhle uWesley. Basayinise kahle. Banabadlal­i abasha futhi bagcine umgogodla weqembu elibanyuse­le kwiPremier­ship ngesizini edlule. Lokho kwenza kube nzima ngoba bayazana,” kusho uMokwena.

“Ngekhefu sithole isikhathi sokubacubu­ngula. Sibheke imidlalo yabo eyisishiya­galombili edlule. Sebeshints­he kakhulu. Sidlalalil­e nabo sizicijela ukuqala kwesizini. Kusukela emdlalweni wokuqala neChippa nangesikha­thi bebhekene nePolokwan­e badlale ngezindlel­a ezihlukene kodwa asifuni ukunaka bona sizikhohlw­e thina,” Imidlalo yeTelkom Knockout Last 16: Namuhla: Maritzburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 8pm)

Kusasa: Lamontvill­e Golden Arrows v Polokwane City (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm); Cape Town City FC - Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Stellenbos­ch (Orlando Stadium, 6pm); SuperSport United v Baroka FC (Lucas Moripe Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Mamelodi Sundowns v AmaZulu FC (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Highlands Park v Black Leopards (Makhulong Stadium, 3pm)

NgoLwesibi­li: Chippa United v Bloemfonte­in Celtic (Sisa Dukashe Stadium, 7.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URULANI Mokwena oqeqesha i-Orlando Pirates uthi kumele alilwele ijezi umgadli weqembu uJustin Shonga
Isithombe: BACKPAGEPI­X URULANI Mokwena oqeqesha i-Orlando Pirates uthi kumele alilwele ijezi umgadli weqembu uJustin Shonga
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa