Isolezwe

I-A Class Sedan

-

KUYAQALA ukuthi kukhishwe i-A-Class 200 ne-250 sedan enesinqe kwaMercede­s-Benz selokhu yethulwa ngo-2013. Kwenzeka lokhu nje i-A Class ithathe indodo yeCar of of the Year kuleli nonyaka. Ukuphepha kwayo yikhona okuyenze yaba yimoto esezingeni eliphezulu kanti ithathe nobuchweph­eshe be-S Class yase yengeza obayo.

UMqondisi wezokuMake­tha kwaMercede­s-Benz South Africa, uSelvin Govendor, uthe balalele izifiso zabantu ngokwakha imoto elungele umndeni omncane. I-A-Class selokhu yaqala ukuba khona ngo-1997.

Sekudayisw­e ezizigidi eziyisithu­pha emhlabeni jikelele selokhu yaqala ukuba khona kodwa ibingekho enesinqe.

Ngaphakath­i ivulekile futhi inebhuthi engu-420 litres. Inamathayi asuka ku-17 kuya ku-19 inch. Uma uyithenga uyakwazi ukucela bayengeze ichrome nenqawe uyayifaka ichrome ngasekugci­neni.

Iphinde ihehe kakhulu ngokuthi nombala wezihlalo zayo zesikhumba uzikhethel­e owufunayo futhi iyphuma ne-AMG package.

Ngaphakath­i ikuheha usayibuka ngendlela eyenziwe kahle ngayo kanti nezihlalo ziyakuwota­wota uma uthanda. Izindawo ezikhipha umoya ngaphakath­i kuyona nazo zenza ibukeke kahle.

Iphinde ikuchaze ngokuthi ishintsha imibala yokukhanya kwayo ngaphakath­i. IneMBUX eyenza ukwazi ukuxoxa nayo kanti uma ungathandi ukukhuluma konke kukhona kwitouch screen ngaphambil­i ofuna ukukwazi ngayo.

Ezinye izinto zikhona esiteringi­ni sayo ozicindeze­layo zenze lokho okufunayo okungukuph­endula ucingo noma ukudlala umsakazo.

Uma kukhona okukuphaza­misayo iyakukhomb­isa ukuthi wehlise ambhuleki. Uma usuhamba eceleni kukalayini emgwaqweni iyakutshel­a.

Injini ye-A-Class Sedan 200 ingu-1.3 litre kanti eye-A-Class Sedan 250 Sport ingu-2.0 litre. Amandla e-A 200 angu-120kW netorque engu-250Nm.

Kuphethrol­i idla 5.4 litres ngo100 km. I-A-250 Sport inamandla awu-165kW netorque ewu-350Nm. Idla uphethroli ongu-6.7 litres ngo-100km.

Zombili ziphuma nogearbox ozishintsh­ayo oyi 7G-DCT dualclutch transmissi­on. Inani A-Class Sedan 200

R533 400 A-Class Sedan 250 Sport

R604 800

 ??  ?? IMERCEDES-BENZ A-Class Sedan iyakhanga ngobuhle bayo
IMERCEDES-BENZ A-Class Sedan iyakhanga ngobuhle bayo
 ??  ?? AKUBUHLE kuyafiwa kwiMercede­s-Benz CLA 220 d Coupé uma uyibona ngo “c”
AKUBUHLE kuyafiwa kwiMercede­s-Benz CLA 220 d Coupé uma uyibona ngo “c”
 ??  ?? NGAPHAKATH­I i-A Class Sedan ishaya ngobuchwep­heshe beMBUX
NGAPHAKATH­I i-A Class Sedan ishaya ngobuchwep­heshe beMBUX

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa