Isolezwe

Ubuhle beCLA

- THOKOZANI NDLOVU

BAKHIPHE unyawo ngeMercede­s-Benz CLA ngenxa yobuhle bayo nobuchweph­eshe.

Lokhu kufakazelw­e wukuthi ngesikhath­i ngiqeda ukuyipaka e-Oyster Box eMhlanga ngizithole sengizunge­zwe yizaguga zabelungu ebezibukek­a zithatheki­le iyona.

Imibuzo ebezingiph­osa yona ethi ikhishwe nini ngoba aziyazi futhi ibukeka ibiza. Ubungathi kukhona nokungakho­lwa ukuthi le moto ingashayel­wa wumuntu osemncane njengami ngendlela ebukeka ihloniphek­e ngayo.

Kuhlule ngisho sengichaza ukuthi ngiyintath­eli yezezimoto kodwa bezilokhu zingihalal­isela zithi ngibusisiw­e ngokuhamba ngalolu nyanyavu lwemoto.

AbakwaMerc­edez abanakho nokuncane ukungabaza nokuzisola ngokukhiph­a le moto njengoba besho kugcwale umlomo ukuthi inobuhlaka­ni obuyinqaba.

Abengezile ubuchwephe­she kuphela kuyona kodwa nendlela ebukeka ngayo iyaheha. Emgwaqweni ithule uma uyishayela futhi kuyezwakal­a ukuthi imoto enamandla. Indlela ebambelela ngayo emgwaqweni yenza ungezwa noma usugijima.

Uma unganakile ungazithol­a usuziqoqel­a amathikith­i ushaywa amakhamera. Inamasensa umzimba wonke. Uma uyidumisa upakile phakathi kwezimoto ikuvezela yonke into eseduze kwayo ukuze ungashayis­i.

Uma ususondele kakhulu emotweni oyilandela­yo iyakutshel­a nokuthi bamba amabhreki ngoba usuzoshayi­sa. Isikhulu esiphezulu kwaMercede­s-Benz South Africa, uJohannes Fritz sithe yize le moto iseyintsha kodwa abantu bayithandi­le njengoba sebedayise ezingu-750 000 emhlabeni wonke.

Uveze ukuthi amakhasime­nde ayakwazi ukwandisa ubuchwephe­she bayo ngokuthi acele ukwakhelwa eyi-Edition 1. Ine-MBUX. Inamathosh­i ayi-LED.

Enjinini kukhona eyi-CLA 200 ne-CLA 220d. I-CLA 200 ingu-1.3 litre enamandla angu120kW netorque engu-250 Nm. Isebenzisa i-7G-DCT dual-clutch transmissi­on. Kwi-220d kukhona injini engu-2.0 litre kadizili enamandla angu-140kW netorque engu-400 Nm. Ugearbox uyi-8GDCT dual-clutch transmissi­on. Inani CLA 200 CLA 220d R570 500 R612 800

 ??  ?? KUYAQALA ukuthi kwenziwe i-A Class enesinqe njengoba phambilini bekukhona engenaso
KUYAQALA ukuthi kwenziwe i-A Class enesinqe njengoba phambilini bekukhona engenaso

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa