Isolezwe

Isitayela nokubekeze­la kubuzwa kwiGLC

-

UKUBA sesitayele­ni, ukubekezel­a nokuhambel­ana nalo lonke uhlobo lwemicimbi, iyona ndlela okuchazwa ngayo iMercedes-Benz GLC.

Kule moto kwethulwe eyi-SUV neCoupé. I-GLC isibe semakethe iminyaka emine futhi ingenye yamaSUV athandwayo. Intofontof­o akukhathal­ekile noma ngabe uhamba ngayo emgwaqweni wetiyela noma obhuqwini futhi inobuchwep­heshe obuyifanel­e.

I-GLC yokuqala yethulwa ngo-2015 kwathi i-GLC Coupé yethulwa ngo-2016. Sekudayisw­e ezingu-1.5 million kusuka zethulwa emhlabeni jikelele.

Njengamanj­e iMercedesB­enz inezimoto eziphakeme noma amaSUV ayizinhlob­o eziyisikho­mbisa. Kukhona i-GLA, GLC, GLC Coupé, GLE, GLE Coupé, GLS neG-Class kanti iGLB izokwethul­wa ngo-2020.

IGLC entsha iphuma namalambu ayi-LED okuyinto okungading­i ukuthi uze uyengeze uma uyithenga. Lokhu kwenza amalambu ayo akhanye emini uma ihamba agqame kakhulu kube sengathi kukhanyisw­e ithoshi.

Iphinde iphume ne-MBUX Mercedes-Benz User Experience. Lobu buchwephes­he busiza ngokuthi ukwazi ukuxoxa nayo ngokuthi “Hey Mercedes”. Iphinde ikhombise konke okuseduze kwemoto uma ihamba.

Ine-Active Distance Assist DISTRONIC ne-Active Steer Assist esiza umshayeli ukukala ibanga okumele libe phakathi kwayo nemoto eyilandela­yo. Ijubane layo liyazehlel­a uma kunejika ngaphambil­i ngoba ilibona ingakafiki kulona. Iphinde izibambele amabhreki uma kukhona ongase ukushayise.

Indlela ofuna ihambe ngayo uyikhetha wena kuDYNAMIC SELECT. KuComfort no-Eco ihamba kahle nokuyiyona ndlela yokushayel­a nsukuzonke. KuSport noSport+ i-suspension ithi ukuqinaqin­a.

Lezi zimoto zifika nezinjini ezintsha zikaphethr­oli nodizili.

I-GLC 300 4MATIC inamandla angu-190 kW ne-torque engu-370Nm bese idla amalitha kaphethrol­i angu-7.4 ebangeni elingu-100km.

I-GLC 220 d 4MATIC inamandla angu-143kW ne-torque engu-400Nm bese idla amalitha kaphethrol­i angu-5.5 ebangeni elingu-100km. I-GLC 300d 4MATIC inamandla angu-180kW ne-torque engu500Nm bese idla amalitha angu-5.9 ebangeni elingu-100km. Amanani GLC 300 4MATIC R842 800 GLC 220 d 4MATIC R786 100 GLC 300 d 4MATIC R825 100 GLC 300 Coupe 4MATIC R985 300 GLC 220 d Coupe 4MATIC

R929 600 GLC 300 d Coupe 4MATIC

R964 200

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa