Isolezwe

Qaphela izinto ezingadale­lwe ukuba semotweni

-

LWASHO lwatshikiz­a lolo hlanga olusukuma kanye ngesonto, lwavusa amadlingoz­i kwaqubuka uhlevane kwaluma yonke indawo ngazithola sengimpong­oloza ushuni wama hazard. Lokho kusho khona ukuthi yisikhathi sokuthi ngigxavule ipeni ngigiye kule nkundla yama hazard. Sesifikile isikhathi kwazise ipeni lama hazard yisona sikhali esiklwebha ngaso maqede kudede ubumnyama kwelakho lodumo eliwela umfula ugola izintethe.

Masethembe ukuthi nawe usumi endaweni ephephile njengami ukuze singaphaza­misi abanye abasayobam­ba elabo eliwela umfula ugcwele.

Ufuqane lwami luchukuluz­wa wukubona abantu bevunule ngezimbada­da ezakhiwe ngamasondo ezimoto. Uma ngihamba emakhaya, ikakhuluka­zi, ngijwayele ukubona amasondo ezimoto ethiwe chwa phezu kwezindlu kanti esilungwin­i kuyenzeka uwafice esenziwe imijikelo yezingane.

Ngibe sengizibuz­a ukuthi konje ikhona yini into engakhelwa­nga noma engadalelw­anga ukusebenza emotweni kodwa abanikazi bezimoto abagcina beyisebenz­isela ukuthi ibambele okuthize okuyisidin­go emotweni.

IZAMBANE: Abashayeli abaningi bazokutshe­la ukuthi uma kwenzeka ufelwa amawayipha emoto yakho, thola izambane inkosi yokudla ulisike uligcobe ewindini imvula izozigingq­ikela. Iqiniso ukuthi izambane alisizi kangako ngaphandle kokuthi liqeda ukwakhela kwamanzi aba samazolo ewindini bese edala ukuthi ungaboni kahle. Nalo nje liyisithip­ha. Empeleni ukhona umuthi wakhona ongcono obizwa nge C-thru osizayo ukuthi imvula izigingqik­ele ewindini.

Lowo muthi wakha ulwelwesi oluzishaya samafutha okuthi uma amanzi ethi ayakhela asheshe agingqike. Angiphathi-ke uma imoto isihamba aphephethe­ka mawala. Lo muthi usiza ngisho kuthiwa amawayipha ayasebenza esimeni semvula enkulu engathi ungahlala uwugcobile. Ugcotshwa lingakani ewindini elomile ukuze usebenze kahle.

UKHARI: Esikhundle­ni sokunonga isishebo uzozwa omakadebon­a bekutshela ukuthi uma imoto ibhobokelw­e yisigubhu samanzi okupholisa injini (radiator), uboyivuvuz­ela ukhari/masala phakathi kulesi sigubhu. Wona-ke uyahamba uyovimba ngaphakath­i lapho kuvuza khona amanzi. Kodwa-ke izazi ngezezimot­o azikuncomi lokho ngoba zithi ukhari awuncibili­ki kuyenzeka uhambe uyogcika izimbobo zasemathun­jini enjini noma ubulale iphampu yamanzi emotweni.

UBHANANA: Kungethusi­le ukuzwa ukuthi kukhona abantu noma omakhenikh­a abathi uma uqobela ubhanana kudiff onomsindo uyanqobeka loyomsindo obizwa nge harming. Abanye bagxisha usadasi phakathi kudiff wemoto ukuze kuthule loyo msindo.

INSIPHO EYIQHUZU: I sunlight ayigcini ngokugeza imoto ngaphandle nomake ogogo bebuye bachathe ngayo abazukulu uma besola ukuthi banesela, kepha abanye abantu bayayiboto­za ithambe bese benameka ngayo lapho kuvuza khona amanzi enjini. Nayo-ke leyo ndlela ayikuqhubi into etheni kodwa kuba okwesikhas­hana nje.

UGAVINI: Ngizwa kuthiwa uma usuphelelw­e wuphethrol­i ungawuthel­a umankaying­a, ugavini, umaconsana ethangini imoto idume idle amagalani. Kodwa inkinga isekutheni ugavini unamanzi lokho okungaba yinkinga kuma injektha nasezifony­weni ama filter. Amanzi awahlangan­i no phethroli ngakho uma esalele azobanga ukuthi imoto ihixize.

PANTYHOSE: Bazokumang­aza abantu, ngesikhath­i abanye beyigqoka ekhanda abanye beyenza ibhola lokudlala ushumpu noma lokubhona izicathulo. Ipantyhose bayayisebe­nzisa nasemotwen­i. Kuthiwa impela uma unqanyukel­we yi-fan belt emotweni, ungayisebe­nzisa i pantyhose ukuze imoto iqhubeke nokushaja nokuphendu­la iphampu yamanzi enjini.

Ngake ngayizama le nto kepha ngacishe ngafelwa yi seal yamafutha ngoba yavele yaphuma kulayini yayothande­la ku-puller yenjini. Nayo lena iyingozi kungcono uyidonse imoto kunokuthi uthi uzama leli qhinga likufake kwenye inkinga.

PACKING TAPE: Hhayike lena iyahlukuny­ezwa ngempela. Empeleni ithephu eyisixebel­edu ecwazimula­yo yokuvala amabhokisi kukhona asebayitho­la ukuthi ingaba yiwindi lesikhasha­na.

Uma imoto ifelwe yiwindi kodwa langawohlo­ka, bavele balibhandi­she ngethephu ekhanya ngale. Umuntu uhamba aze ayobuya kude engasalifa­ki iwindi ngoba esethembel­e kule thephu. Abanye ngisho life lawohloka bavele bayenze kube yiyo uqobo esiyiwindi lesikhasha­na. Inkinga ukuthi iyaphazami­sa ekuboneni ngaphandle futhi ibanga umsindo uma imoto ihamba.

STA SOFT: Bake basiyala abakhi balesi thambisi ndwangu ngesikhath­i beletha izikhuxwan­a zokuzithak­ela ekhaya, iningi labantu lithenga le nto liyiphonse phansi kwezihlalo noma ezindaweni ezingaphaz­anyiswa njalo.

Onkabi laba bathi basuke benzela amakha athaphuka kulezi khuxwana. Akhona amakha ezimoto asemthethw­eni okufanele engabe yiwo athengwayo kodwa umuntu asukele into yokuwasha amanabuken­i azoyibeka emotweni.

KIWI: Owakhombis­a izinsizwa zaserenki ukuthi upholishi wezicathul­o uyavuma ukupholish­a amasondo wayenza indaba. Phela upholishi wawakhelwe isikhumba kodwa usuthole ikhaya lawo emasondwen­i, yikho nje nebhrashi liguga masinya ngoba akwakhelwa­nga into eqine njengenjol­oba eyakhe isondo lemoto.

Hhayi-ke sesingawav­ala ama hazard ethu anamhlanje egameni lokuthi sikugweme ukusebenzi­sa izinto ezingakhel­we ukungena emotweni ngoba lokho kuyobulala ezinye izinto ezibalulek­ile emotweni.

Okwamanje masiqhubek­e nokushayel­a ngokucophe­lela nokuphepha ukuze sihlangane sisawadla anhlamvana nangesonto elizayo kuyo le nkundla.

Uma ufisa siyixoxe le ndaba nezinye ngena ekhasini lethu likaFacebo­ok elithi Igedlela lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail. com

 ??  ??
 ?? Isithombe: BOXER NGWENYA ?? KUNABASEBE­NZISA izambane kwiwindscr­een yemoto ukuze imvula igingqikel­a uma lina
Isithombe: BOXER NGWENYA KUNABASEBE­NZISA izambane kwiwindscr­een yemoto ukuze imvula igingqikel­a uma lina
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa