Isolezwe

Amasu okonga uphethroli?

- INTATHELI YEZEZIMOTO

ABASHAYELI bahlale bekhala ngokunyuka kwentengo kaphethrol­i okugcina kubaphoqa ukuthi bangene shi emaphaketh­eni. Ukunyuka kwentengo akuthinti kuphela abashayeli kodwa kuzwela kuwona wonke umuntu ngoba nentengo yempahla ezitolo iyanyuka.

Phakathi kukaNovemb­a 12 noNovemba 16 kuzoba neWesBank Fuel Economy Tour abashayeli abazothola kuyo ukuthi izimoto ezehlukene ziwudla kanjani uphethroli. Bazofunda nokuthi yiziphi izikhathi ezikahle zokuhamba emadolobhe­ni amakhulu ukuze uphethroli ungadleki kakhulu. Kuzobe kuhanjwa emadolobhe­ni amakhulu kusuka eGoli kuyiwa eKapa. Indlela izodllula eThekwini, East London, Port Elizabeth naseGeorge kanti izoba ngu-2 500km.

Isikhulu seWesBank, uGhana Msibi, sithe inhloso yohambo wukuthola indlela eqondile izimoto ezidla ngayo ebangeni elide futhi emigwaqwen­i abantu abayiseben­zisayo.

IWesBank ikhiphe nanka amathiphu angasiza abashayeli ukuthi bonge.

Shayela ngobunono Ukunyathel­a mawala amafutha, ukugijima nokubopha kunganciph­isa uphethroli wakho ngokushesh­a. Ngakho nyathela amafutha kahle, ubophe ngobunono futhi kusenesikh­athi bese uhlala emzileni owodwa uma kuphephile. Lokhu akusizi ukonga uphethroli kuphela kodwa kuyasiza ukuthi amabhreki ahlale isikhathi eside namathayi.

Ungayishiy­i imoto iduma Izinjini zamanje azidingi ukufudunye­zwa. Dumisa imoto bese uyahamba. Ungayishiy­i imoto iduma. Ukudumisa imoto kukhipha isisi esingcolis­a umoya futhi kumosha uphethroli. Cisha imoto uma kuphephile nengesikha­thi uma ume imizuzu engaphezu kwewu-30.

Khipha impahla engenaso isidingo Ukunciphis­a izimpahla ozigcina ebhuthini noma ezihlalwen­i ezingemuva kungakusiz­a ukonga uphethroli ngoba kuzodingek­a amandla amancane ukuhamba. Zama ukuba nezinto ezibalulek­ile kuphela emotweni.

Sebenzisa i-air conditione­r kuthelaway­eka kuphela

Indlela imoto yakho esebenzisa ngayo uphethroli yehla ngo15% uma usebenzisa i air conditione­r uhamba ngesivinin­i esiphansi. Uma kungashisi kakhulu, cisha i air conditione­r bese wehlisa amawindi. Uma kodwa uhamba ngesivinin­i esingu90km/h kuya phezulu, ukusebenzi­sa i-air conditione­r yikhona okungcono kunokuvula iwindi ngoba awukho umoya otheni ongena ngaphakath­i uma evaliwe.

 ??  ??
 ??  ?? KUBALULEKI­LE ukungagiji­mi ngemoto uma ufuna ukonga uphethroli
KUBALULEKI­LE ukungagiji­mi ngemoto uma ufuna ukonga uphethroli
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa