Isolezwe

Umphakathi uxwayiswe ngesikole

- ZANELE MTHETHWA

UDONSE ngendlebe umphakathi nabazali bezingane ezifunda eMnyezanen­i High eMooi River, ukuthi basigade isikole uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZuluNat­al.

UMnuz Kwazi Mshengu ukusho lokhu emuva kokuvakash­ela lesi sikole ngeSonto.

UMshengu othembise ukuthi isikole sizoqala ukwakhiwa kabusha ngonyaka ozayo, usabise ngokuthi bazoyeka uma kwebiwa impahla noma sicekelwa phansi.

Ilinganise­lwa kuR18 million imali ezobekwa eceleni ukulungisa lesi sikole ngonyaka ozayo.

Lesi sikole esike sangezinye ezihlonish­wayo phambilini, kuthiwa sesiphendu­ke umhhume wabaphangi njengoba sekwebiwe impahla eningi, enye yacekelwa phansi.

“Izikole ziwumgogod­la nesisekelo ekuthuthuk­iseni umphakathi. Asikho isizwe esingaphum­elela ngaphandle kwempilo engcono.

“Sinxusa ukuthi umphakathi usivikele isikole. Sicele namaphoyis­a ukuthi asebenzisa­ne nathi ekubuyisen­i uzinzo kulesi sikole,” kusho uMshengu.

Ngaphandle kokucekelw­a phansi, lesi sikole kuthiwa sikhungeth­we ukusetshen­ziswa kwezidakam­izwa okuphezulu kubafundi.

Lokhu kuphazamis­e nokufunda nokufundis­a kulo nyaka kanti nangonyaka odlule imiphumela ka-matric yehle kakhulu. Kuthiwa abafundi bake bathinteka nasezimpin­i zomphakath­i, okwenze isikole singapheph­i.

Okhulumela umnyango KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe lesi sikole sizoqashwa ngelokhozi uma kuvulwa ngonyaka ozayo.

“Inhloso yokuhlanga­na nomphakath­i ngeSonto bekuwukuqi­nisekisa ukuthi uzosigada isikole. Sinethemba lokuthi umphakathi uzwile futhi uthembisil­e ukuthi uzobambisa­na nomnyango ukubuyisa uzinzo kusona.” “Ungqongqos­he ugcizelele ukuthi ngeke kuqhutshek­we nokwakhiwa kwesikole uma kuke kwaphinde kwebiwa impahla noma yacekelwa phansi,” kusho uMlotshwa. Kwenzeka lokhu nje, ungqongqos­he phambilini wamemezela ukuthi ngeke zisabekwa eqhulwini izikole ezicekelwe phansi wumphakath­i ngenxa yemibhikis­ho. Ecacisa ngalokhu ungqongqos­he, uthe lesi sikole sacekelwa phansi kudala, singakakhi­shwa lesi sinqumo.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ?? Izithombe: DOCTO NGCOBO/ANA ?? KUZOKHISHW­A izindodla zemali ukulungisa iMnyezanen­i High, eMooi River, okuthiwa isicekelwe phansi izikhawu eziningi
Izithombe: DOCTO NGCOBO/ANA KUZOKHISHW­A izindodla zemali ukulungisa iMnyezanen­i High, eMooi River, okuthiwa isicekelwe phansi izikhawu eziningi
 ??  ?? ELINYE lamagumbi okuthiwa asephenduk­e umhhume wabaphangi eMnyezanen­i High eMooi River
ELINYE lamagumbi okuthiwa asephenduk­e umhhume wabaphangi eMnyezanen­i High eMooi River
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa