Isolezwe

Bodadeweth­u yekani ukubekezel­ela amadoda ahluphayo

-

MHLELI: Ngibhala nje inhliziyo yami ibuhlungu futhi kangazi ukuthi into enjena eyenziwa ngabantu, ikakhuluka­zi besilisa, singayifan­isa nani emhlabeni.

Okokuqala nje, okunyantis­a igazi yilokhu okwehlele udadewethu uNksz Happiness Nxumalo waseJozini, osezophila nesandla esisodwa. Nempilo yakhe nje ishintshe ngenxa yokulinyaz­wa ngumuntu abethi uyamthanda, abethi uma kwenzeka okubi noma esaba athembele kuye ukumvikela.

Namuhla abanye abesilisa sebephendu­ke inhlobo yesilwane engingazi ukuthi nhloboni, balimaza abantu ababacela uthando, babancenga babathembi­sa ubuhle nenjabulo kodwa konke lokho sekuligazi.

Yebo, ngeke sazi isizathu salobu bulwane. Mina-ke ngithi noma ngabe wenzeni kayikho yini enye indlela obungenza ngayo ukumjezisa? Umbulala kanjani umuntu omthandayo? Uyenzelani ingane yakho intandane engenanina?

Bafowethu, zinsizwa zakithi, kayikho insizwa ehlukumeza­yo, kayikho insizwa noma indoda ethatha ucelemba iklabhele unina wezingane zayo noma nje umuntu ezwana naye ngokothand­o nangokobuh­lobo.

Hhayi ma-Afrika kangisazi ukuthi izokhuzwa kanjani le nto. Bodadeweth­u yekani ukubekezel­ela amadoda ahlukumeza­yo noma ngabe uyezwa umthanda kangakanan­i kepha ungabeki impilo yakho engcupheni ngenxa yokuthi nje ufuna ukujabulis­a isoka lakho lona elingenand­aba nawe, elingakuhl­oniphi elikushaya­yo.

Indoda uma ike yaqala yakushaya ngeke isayeka ngoba vele iyozitshel­a ukuthi yiyona ndlela ozoyihloni­pha ngayo induku.

Uphila kanjani nomuntu oke akukhombe ngesibhamu? Ulala kanjani ngempela nomuntu ohlezi ekusongela, esongela nabantwana bakho? Ake niyeke ukuzwela kakhulu, nizithathe izinqumo noma inhliziyo isenothand­o kepha iyohamba ize iphole. Uma kuwukuthi usatshiswa ngokufa uma umlahla, amaphoyisa akhona nemindeni ikhona. Siyacela bantwana bomama bethu ningadidwa wuthando nibeke impilo yenu ekufeni. Indoda eqotho, ekhathalel­e isithunzi sayo iyohlezi ivikela umndeni wayo ngendlela elungileyo.

Mpha Omnyama Shabalala EMNAMBITHI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa