Bodadewethu yekani ukubekezelela amadoda ahluphayo
MHLELI: Ngibhala nje inhliziyo yami ibuhlungu futhi kangazi ukuthi into enjena eyenziwa ngabantu, ikakhulukazi besilisa, singayifanisa nani emhlabeni.
Okokuqala nje, okunyantisa igazi yilokhu okwehlele udadewethu uNksz Happiness Nxumalo waseJozini, osezophila nesandla esisodwa. Nempilo yakhe nje ishintshe ngenxa yokulinyazwa ngumuntu abethi uyamthanda, abethi uma kwenzeka okubi noma esaba athembele kuye ukumvikela.
Namuhla abanye abesilisa sebephenduke inhlobo yesilwane engingazi ukuthi nhloboni, balimaza abantu ababacela uthando, babancenga babathembisa ubuhle nenjabulo kodwa konke lokho sekuligazi.
Yebo, ngeke sazi isizathu salobu bulwane. Mina-ke ngithi noma ngabe wenzeni kayikho yini enye indlela obungenza ngayo ukumjezisa? Umbulala kanjani umuntu omthandayo? Uyenzelani ingane yakho intandane engenanina?
Bafowethu, zinsizwa zakithi, kayikho insizwa ehlukumezayo, kayikho insizwa noma indoda ethatha ucelemba iklabhele unina wezingane zayo noma nje umuntu ezwana naye ngokothando nangokobuhlobo.
Hhayi ma-Afrika kangisazi ukuthi izokhuzwa kanjani le nto. Bodadewethu yekani ukubekezelela amadoda ahlukumezayo noma ngabe uyezwa umthanda kangakanani kepha ungabeki impilo yakho engcupheni ngenxa yokuthi nje ufuna ukujabulisa isoka lakho lona elingenandaba nawe, elingakuhloniphi elikushayayo.
Indoda uma ike yaqala yakushaya ngeke isayeka ngoba vele iyozitshela ukuthi yiyona ndlela ozoyihlonipha ngayo induku.
Uphila kanjani nomuntu oke akukhombe ngesibhamu? Ulala kanjani ngempela nomuntu ohlezi ekusongela, esongela nabantwana bakho? Ake niyeke ukuzwela kakhulu, nizithathe izinqumo noma inhliziyo isenothando kepha iyohamba ize iphole. Uma kuwukuthi usatshiswa ngokufa uma umlahla, amaphoyisa akhona nemindeni ikhona. Siyacela bantwana bomama bethu ningadidwa wuthando nibeke impilo yenu ekufeni. Indoda eqotho, ekhathalele isithunzi sayo iyohlezi ivikela umndeni wayo ngendlela elungileyo.
Mpha Omnyama Shabalala EMNAMBITHI