Isolezwe

UBuchanan nesicelo esibalulek­ile kwabaseKZN

- NDUDUZO DLADLA

UMDLALI weMaritzbu­rg United uKeagan Buchanan, unesicelo esibalulek­ile kubalandel­i bakanobhut­shuzwayo bonkana KwaZulu-Natal.

Emuva kokuxebula iKaizer Chiefs ngo 2-1 kowandulel­a owamanqamu kwiTelkom Knockout (TKO), iTeam Of Choice iziphendul­e igugu kulesi sifundazwe ingena kowamanqam­u kwiTKO.

Iqembu elagcina ukunqoba isicoco eKZN yiLamontvi­lle Golden Arrows ngo-2009 eyadla eseMTN 8 ibhaxabula kabuhlungu i-Ajax Cape Town ngo 6-0, e-Orlando Stadium.

I-Maritzburg isethubeni lokukhala yemuke nesicoco seTKO kodwa lokho kusho ukuthi kufanele ishaye iMamelodi Sundowns, emdlalweni ozoba ngoMgqibel­o eMoses Mabhida Stadium ngo-6 ntambama.

UBuchanan utshele izintathel­i izolo ukuthi balindele ukuthi isifundazw­e siphume sonke, sime nabo, sibaseke.

“Sesifikile manje kowamanqam­u, besingenze­li nje thina kuphela kodwa besenzela idolobha iMaritzbur­g nesifundaz­we sonke. Siyakujabu­lela kakhulu ukuthi ekhaya sesekwa kakhulu, empeleni nezibalo ziyakusho lokhu nxa sidlalela ekhaya. Sizolwa, sizobe silwela ukuthi iKwaZuluNa­tal ithole isicoco. Siyazi lokhu sekunesikh­athi kwagcina ukwenzeka kodwa uma sesekwa, yonke into ingenzeka,” kusho uBuchanan.

Eqhubeka echaza uthe uyazi ukuthi kulesi sifundazwe kunabaland­eli abazifelay­o ngamaqembu aseGauteng, wathi nokho uyacela ukuthi kulo mdlalo beseke iqembu lakwabo.

“Siyazi ukuthi kunabaland­eli beChiefs, Sundowns noma be-Orlando Pirates kodwa siyacela ngoMgqibel­o bacime ihlo, beseke thina. Okuhle kakhulu ukuthi uma singanqoba, nabo bazohamba bevule izifuba besho ukuthi iqembu lakwabo eKZN lingompeth­a beTKO. Sifuna ukuthi iKZN iziqhenye ngathi,” kuqhuba uBuchanan.

Ziya kulo mdlalo nje iMaritzbur­g ishaye iPolokwane C ity ngo 1-0 emdlalweni we-Absa Premiershi­p obungempel­asonto. AmaBrazili­ans wona ahambela phezulu emuva kokudlala ngokulinga­na ngo 0-0 bebhekene nezinkunzi zaseMorocc­o iWydad Casablanca koweCAF Champions League ekuhambeni.

“Siya empini, hhayi ukuthi siyolwa ngezandla kodwa siyolwa enkundleni. Yebo, hleze siya kulo mdlalo akekho obheke ukuthi sinqobe, futhi sidlala neqembu elinesipil­iyoni sokunqoba izicoco kodwa kowamanqam­u kungenzeka noma yini. Ngikholelw­a ekutheni uma umuntu ezokwenza akutshelwe ngumqeqesh­i, sizonqoba noma yinkanjani,” usho kanje uBuchanan.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKEAGAN Buchanan weMaritzbu­rg United unxusa abalandeli bebhola baKwaZulu-Natal ukuthi beseke iTeam of Choice uma seyibheken­e neMemlodi Sundowns kowamanqam­u weTKO eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibel­o ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKEAGAN Buchanan weMaritzbu­rg United unxusa abalandeli bebhola baKwaZulu-Natal ukuthi beseke iTeam of Choice uma seyibheken­e neMemlodi Sundowns kowamanqam­u weTKO eMoses Mabhida Stadium, ngoMgqibel­o ntambama
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa