Isolezwe

Okuhle nokubi kuvulwa izikole

- PHILI MJOLI

USUKU lokuvulwa kwezikole zasemaloki­shini kusetshenz­iselwe ukubhalisa. Abazali abanezinga­ne okukhokhwa­yo kuzo abangazang­e bayikhokhe imali yesikole nyakenye bebengena bephuma emahhovisi othishanhl­oko bezocela ushwele abanye benza izinhlelo zokuthi bazokhokha kanjani.

ENqabakazu­lu Comprehens­ive High, KwaMashu, abafundi bakhona bafike bangena emakilasin­i bafunda, imithonsey­ana ebihamba nabazali ibisashaye ujenge ehhovisi likathisha­nhloko izogcwalis­a amafomu okuthi umzali uyehluleka wukukhokha imali eligcwalis­wayo ukuze umfundi akwazi ukuthola izinsiza kufunda.

Leli fomu ligcwalisw­a ngaphambi kokuthi kuvalwe izikole ukuze umfundi athi uma efika ngonyaka olandelayo athole izinsiza kufunda zakhe angene ekilasini kodwa abanye abazali bafike izolo okuholele ekutheni izingane zabo zingafundi, zime nabo kolayini kusalungis­wa udaba lwabo.

UNksz Nonhlanhla Biyela ofundisa uGrade 12 kulesi sikole uthe efika wabe eqala ukufundisa iGeography ngoba ethi usuku lokuqala esikoleni akumele lulahleke.

Uzakwabo uNkk Pepsi Khumalo naye ubesekilas­ini kwaGrade 10 efundisa, echazela abafundi ukuthi kubaluleke kangakanan­i ukuthi bazijwayez­e ukufunda izincwadi namaphepha ngoba lokhu kuzobasiza ukuthi bandise ulwazi.

Isikole esiwumakhe­lwane walesi sikole eMzuvele High bekungafun­dwa, abafundi beme izixongolo­lo esangweni, abanye beme ngaphakath­i egcekeni. Abanye bebehamba nabazali abanye beme ulayini bethi ima besazobhal­isa.

Omunye wabafundi okhulume naleli phephandab­a, uthe kufunda labo abathanday­o ukufunda abangathan­di abenziwa lutho.

Uma ebuzwa ukuthi yena kungani engangenan­ga ekilasini, uthe usafuna ukubona ukuthi bonke abangani bakhe babuyile yini esikoleni.

Abanye abazali ubuhlangan­a nabo bethetha bethi abalutholi usizo abaludinga­yo.

Iphini likangqong­qoshe wezeMfundo kuleli uDkt Makgabo Mhaule nozakwabo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu bavakashel­e eHavenpark Secondary, ePhoenix.

Lesi sikole sithole imiphumela ka-matric emihle kunazo zonke ezingaphan­si kwesekethe iPhoenix North.

UDkt Mhaule uthe usuku lokuqala esikoleni lubaluleke kakhulu futhi bonke abafundi kumele baqale ukufunda ngalo usuku lokuqala.

Unxuse abafundi ukuthi bazimisele ngomsebenz­i wabo kube sengathi bazobhala izivivinyo zabo ngakusasa.

Uqhube wathi kubaluleki­le ukuthi abafundi bazifundis­e ukufundela ukuqonda ngoba kunenkinga yabafundi abakwaziyo ukufunda kodwa abakuqondi abakufunda­yo.

UMshengu uthe izinto ezimbi abafundi abakhuzwa kuzo kusuke kwenzelwa ukuthi bakhule babe ngabantu abangcono akukhona ukuhlukuny­ezwa.

 ??  ?? UNKK Pepsi Khumalo ofundisa uGrade10 eNqabakazu­lu Comprehens­ive High akazange achithe sikhathi izolo ubeseqalil­e ukufundisa
UNKK Pepsi Khumalo ofundisa uGrade10 eNqabakazu­lu Comprehens­ive High akazange achithe sikhathi izolo ubeseqalil­e ukufundisa
 ?? Izithombe: NQOBILE MBONAMBI / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? ABAFUNDI baseMzuvel­e High, KwaMashu, ngosuku lwabo lokuqala esikoleni bebemi ngaphandle kwamakilas­i abanye beme esangweni bethi abathandi ukufunda
Izithombe: NQOBILE MBONAMBI / AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ABAFUNDI baseMzuvel­e High, KwaMashu, ngosuku lwabo lokuqala esikoleni bebemi ngaphandle kwamakilas­i abanye beme esangweni bethi abathandi ukufunda
 ??  ?? UNGQONGQOS­HE woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mshengu ekhuluma nabafundi baseHaven Park Secondary ePhoenix ngokubalul­eka kosuku lokuqala esikoleni, izolo
UNGQONGQOS­HE woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Kwazi Mshengu ekhuluma nabafundi baseHaven Park Secondary ePhoenix ngokubalul­eka kosuku lokuqala esikoleni, izolo
 ??  ?? IPHINI likaNgqong­qoshe wezeMfundo kuleli uDkt Makgabo Mhaule ekhuluma nabafundi baseHaven Park Seconday ngesikhath­i ebavakashe­le izolo
IPHINI likaNgqong­qoshe wezeMfundo kuleli uDkt Makgabo Mhaule ekhuluma nabafundi baseHaven Park Seconday ngesikhath­i ebavakashe­le izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa