Isolezwe

Abe-ANC bakhala ngebheyili enikwe iphoyisa

- SIMPHIWE NGUBANE Ebika eseNew Hanover

AMALUNGU e-ANC eMshwathi ngaseMgung­undlovu asola inkantolo ngokuchema nephoyisa elibhekene necala lokubulala obeyilungu lekomiti le-ANC Youth League KwaZulu- Natal

INkantolo yeMantshi yaseNew Hanover inike uConstable Sandile Mkhize (31) ibheyili kaR4 000 izolo ngecala lokubulala uNksz Sindisiwe Ndlovu (34).

Imantshi, uRod Stewart, ilihlehlis­ele uFebhuwari 18 nonyaka icala. UMbuso kawusiphik­isanga isicelo sebheyili sikaMkhize. Eminye yemibandel­a yebheyili yakhe wukuba ayosayina esiteshini samaphoyis­a kabili ngesonto, angahlanga­ni nofakazi futhi angalubhad­i eMshwathi lapho okwenzeka khona isigameko.

Amalungu e-ANC abesecalen­i aphatheke kabi ngokukhulu­lwa kukaMkhize, asola inkantolo ngokuchema “nombulali”.

Ilungu lesigungu seSanco eMgungundl­ovu, edlelana ne-ANC, uMnuz Muzi Mngadi, lithe badumele ngesenzo senkantolo sokungakho­mbisi ubulungisw­a ikhipha uMkhize ngebheyili.

“Abantu besifazane bafela ezandleni zabantu okumele ngabe bayabavike­la. Kubi kakhulu kulesi sigameko ngoba umsolwa yiphoyisa elibulale uNksz Ndlovu ngesihluku esimangali­sayo. Umndeni kamufi nengane yakhe basezinhlu­ngwini kodwa inkantolo ibone kungcono ikhulule umbulali. Okusikhath­aza kakhulu wukuthi icala liphenywa wuzakwabo kamsolwa esiteshini saseCrammo­nd, engabe liphenywa i-Ipid (ephenya amacala amaphoyisa). Sihlela ukumashela ezindlini zoMbuso eMgungundl­ovu siyoveza ukuthi kaseneme ngendlela okusingeth­we ngayo leli cala.”

UMkhize, uyiphoyisa eCrammond, usolwa ngokudubul­a unina wengane yakhe, uNksz Ndlovu, esifubeni besendawen­i yobumnandi ayembizele ukuthi baxoxe kuyona esebenzisa isibhamu somsebenzi.

Emva kokumdubul­a, kuthiwa walayisha uNksz Ndlovu emotweni yakhe ethi umphuthumi­sa esibhedlel­a kanti uzoshonela endleleni.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/AGENCY (ANA) ?? INGXENYE yamalungu e-ANC angeneme ngesinqumo senkantolo enike ibheyili iphoyisa elisolwa ngokubulal­a ilungu lekomiti le-ANCYL eKZN, uNksz Sindisiwe Ndlovu, ngoDisemba nyakenye
Isithombe: BONGANI MBATHA/AGENCY (ANA) INGXENYE yamalungu e-ANC angeneme ngesinqumo senkantolo enike ibheyili iphoyisa elisolwa ngokubulal­a ilungu lekomiti le-ANCYL eKZN, uNksz Sindisiwe Ndlovu, ngoDisemba nyakenye

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa