UPanday nezinsolo zokunyusa intengo
USOMABHIZINISI waseThekwini uMnuz Thoshan Panday, usolwa ngenkohlakalo ehlanganisa nombutho wamaphoyisa KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe ngowayengumphenyi kumaScorpions kade efakaza kwikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yindlanzana izolo.
UColonel Johannes van Loggerenberg, wayehamba phambili ophenyweni oluthinta uPanday, yizikhulu zamaphoyisa ngesikhathi kuhlungwa khona ezithinta umsebenzi mayelana neNdebe yoMhlaba ka-2010.
UColonel van Loggerenberg ufakaze ukuthi uPanday wanyusa intengo ngesikhathi enikezwa ithenda yasemaphoyiseni.
UVan Loggerenberg, uthe kwaqala uphenyo ngoPanday nezinkampani zakhe kulandela ukuvela ukuthi kukhona abathize emaphoyiseni ayesebenza nabo ngodaba lwethenda yokuhlaliswa kwamaphoyisa ngeNdebe yoMhlaba ka-2010.
Uthe wayesebenzisa amahhotela, namaBed & Breakfast eThekwini ukulalisa amaphoyisa ngesikhathi seNdebe ka-2010.
Kwavela ukuthi uPanday wayebizisa kakhulu, ngaphezu kuka-200% emalini efanele.
UVan Loggerenberg, uthe bagasela emahhovisi kaPanday nokuyilapho abathola khona ubufakazi bokuthi wayekhuphula intengo kakhulu.
“Sathola ibhuku elingu-A5 elimnyama elibhalwe izinkampani zakhe namathenda awatholayo. Wayebhala intengo yethenda bese ebhala eyakhe intengo. Wakugcina kuyena lokho okwakunemininingwane yonke,” kusho u-Van
Loggerenberg.
Ngo-Ephreli ngonyaka odlule ikhomishini yezwa ukuthi owayeyisikhulu soKlebe uMnuz Johan Booysen, wazama ukuvimba lonke uphenyo olwalwenziwa mayelana noPanday.
Lo fakazi uphinde waveza ukuthi wathola encwadini efungelwe kasomabhizinisi wasePinetown owayemhlinzeka ngama- generators, uPanday, ukuthi wayebizisa kakhulu emaphoyiseni.
“Iyinye wayikhokhela uR4900. Ngathatha leyo ncwadi efungelwe yaleyo nkampani ngabe sengilandelela ukuthi wathini emaphoyiseni. Emaphoyiseni wayeyibizisa phakathi kukaR92 000 kuya kuR97 000 i-generator ngayinye. Kwavunywa lokho wakhokhelwa,” kusho u-Van Loggerenberg.