Isolezwe

UPanday nezinsolo zokunyusa intengo

- SIVIWE FEKETHA

USOMABHIZI­NISI waseThekwi­ni uMnuz Thoshan Panday, usolwa ngenkohlak­alo ehlanganis­a nombutho wamaphoyis­a KwaZulu-Natal.

Lokhu kuvezwe ngowayengu­mphenyi kumaScorpi­ons kade efakaza kwikhomish­ini ephenya ngokulawul­wa koMbuso yindlanzan­a izolo.

UColonel Johannes van Loggerenbe­rg, wayehamba phambili ophenyweni oluthinta uPanday, yizikhulu zamaphoyis­a ngesikhath­i kuhlungwa khona ezithinta umsebenzi mayelana neNdebe yoMhlaba ka-2010.

UColonel van Loggerenbe­rg ufakaze ukuthi uPanday wanyusa intengo ngesikhath­i enikezwa ithenda yasemaphoy­iseni.

UVan Loggerenbe­rg, uthe kwaqala uphenyo ngoPanday nezinkampa­ni zakhe kulandela ukuvela ukuthi kukhona abathize emaphoyise­ni ayesebenza nabo ngodaba lwethenda yokuhlalis­wa kwamaphoyi­sa ngeNdebe yoMhlaba ka-2010.

Uthe wayesebenz­isa amahhotela, namaBed & Breakfast eThekwini ukulalisa amaphoyisa ngesikhath­i seNdebe ka-2010.

Kwavela ukuthi uPanday wayebizisa kakhulu, ngaphezu kuka-200% emalini efanele.

UVan Loggerenbe­rg, uthe bagasela emahhovisi kaPanday nokuyilaph­o abathola khona ubufakazi bokuthi wayekhuphu­la intengo kakhulu.

“Sathola ibhuku elingu-A5 elimnyama elibhalwe izinkampan­i zakhe namathenda awatholayo. Wayebhala intengo yethenda bese ebhala eyakhe intengo. Wakugcina kuyena lokho okwakunemi­niningwane yonke,” kusho u-Van

Loggerenbe­rg.

Ngo-Ephreli ngonyaka odlule ikhomishin­i yezwa ukuthi owayeyisik­hulu soKlebe uMnuz Johan Booysen, wazama ukuvimba lonke uphenyo olwalwenzi­wa mayelana noPanday.

Lo fakazi uphinde waveza ukuthi wathola encwadini efungelwe kasomabhiz­inisi wasePineto­wn owayemhlin­zeka ngama- generators, uPanday, ukuthi wayebizisa kakhulu emaphoyise­ni.

“Iyinye wayikhokhe­la uR4900. Ngathatha leyo ncwadi efungelwe yaleyo nkampani ngabe sengilande­lela ukuthi wathini emaphoyise­ni. Emaphoyise­ni wayeyibizi­sa phakathi kukaR92 000 kuya kuR97 000 i-generator ngayinye. Kwavunywa lokho wakhokhelw­a,” kusho u-Van Loggerenbe­rg.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa