Isolezwe

Kudutshulw­e usomabhizi­nisi odumile

- NONTUTHUKO NGUBANE

UFUNA ubulungisw­a umndeni kasomabhiz­inisi odutshulwe ngaphandle komuzi wakhe KwaMbonamb­i.

UMnuz Emmanuel Sibusiso “Mbuso” Mthethwa, ongusomabh­izinisi owaziwayo eRichards Bay naseGoli uhlaselwe ngeledlule ngoLwesith­athu kade esalinde indodana yakhe imvulele isango.

Kuthiwa udutshulwe ngoyaba lwezinhlam­vu ngabantu abangaziwa.

Lo somabhizin­isi wasungula iLanga Electrical neGrabe Electrical.

Uphinde abe yilungu labezithut­huthu iThe Harley Davidson Club (HOG).

Indodana yakhe uMnuz Ndumiso Mthethwa, ithe umndeni ufuna kuboshwe abenzi balesi sigameko ukuze bezothola isizathu sokubulawa kukayise. “Esikufunay­o wubulungis­wa nokuthi kuboshwe ababulali bakababa,” kusho uMthethwa. Elandisa Isolezwe uthe uyise wayehambil­e eye komunye umuzi wakubo eBirdswood futhi ezolanda indodana yakhe uVela (12). Uthe bafika ngabo3 ntambama, uVela wabe eseyovulel­a uyise isango ukuze ezongena. “Kukhona owavele waqhamuka ehlathini wadubula ubaba amahlandla amane wabe esebaleka. UVela wabe eseyobika kubabomkhu­lu ngosekwenz­ekile. Umndeni wonke wazama ukuthinta i-ambulensi ngokushesh­a kodwa yafika eseshonile,” kusho uMthethwa. Kunezinsol­o ezithi

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ukuhlaselw­a kwakhe kuhlobene nombango wenkontile­ka kagesi kwenye yezimayini okuthiwa umufi wuyena obewazi kakhulu lo msebenzi futhi eqasha nabanye abantu kulo mkhakha.

Umndeni uthe yize kunezinsol­o ezikhona kodwa ufuna ziqedwe wukuthi kuboshwe abasolwa ukuze kuzovela ukuthi kungani ebulewe umufi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuphenywa icala lokubulala esiteshini saKwaMbona­mbi.

“Amaphoyisa abizwa endaweni yaseMakhan­deni, endaweni yesigameko afica isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-53 sisemotwen­i. Kwatholaka­la ukuthi udutshulwe esifubeni. Kusaphenyw­a akekho osaboshiwe,” kusho uColonel Mbele.

Umufi kulindelek­e ukuba afihlwe ngoMgqibel­o KwesakwaMt­hethwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa