Umyeni wami akayifuni ingane ayithole ngaphandle
EZOTHANDO
Umbuzo: SINEMINYAKA emibili sishadile nomyeni wami esaqala ukwazana sisafunda isikole. Kunezinto ezincane ngaye engiqala ukungaziboni kahle. Ngiyazi ubevele engumuntu ozithandayo kakhulu kodwa engathi kudlulele manje. Senginezinsolwana manje ngoba njalo uma sizikhiphile kuhleze kunabantu besilisa abalokhu bemjeqeza. Ekuqaleni ngangizitshela ukuthi abantu basibheka ngoba bechazwa yithina, manje angisaboni kahle. Naye futhi umyeni wami akayena umuntu okhonze ucansi. Kungenzeka yini ukuthi ngishade umuntu othanda abantu besilisa? Ngisizeni bo. Igama ligodliwe.
ETHEKWINI
Impendulo: Ibhekisise kahle ngempela le nto yomyeni wakho. Wake wathandana nje nomunye umuntu ngaphandle kwakho? Kwenziwa yini abantu besilisa babuke yena hhayi wena uma uhamba naye? Kubalulekile ukuthi uzibuze le mibuzo noma inzima ngoba uzothola ukuthi izimpendulo ozifunayo zisobala.
Asisho ukuthi umyeni wakho uthanda abantu besilisa kodwa sesandile isibalo sabantu besilisa abashada ngoba benzela imindeni yabo nomphakathi kodwa uma ubhekisisa kahle uthole ukuthi umshado akuyona into ayezimisele ngayo kwasekuqaleni.
Alikho iphutha uma umbuza ukuthi ngempela kwenzekani. Ingabe kukhona into afisa uyazi ngaye yini. Uzomangala lapho uthola ukuthi naye kade ayefisa ukuvuleleka kodwa engazi ukuthi enzenjani.
Umbuzo: Sineminyaka emithathu sishadile nomyeni wami. Sisanda kushada umyeni wami uke waqonywa yaze yakhulelwa intombazane abethandana nayo. Ngezwa ubuhlungu obukhulu emva kokuthola ngale ngane kodwa ngagcina ngiyamukela emva kwesikhathi.
Manje inkinga enginayo ukuthi umyeni wami akayifuni nala ihambe khona le ngane ayithole ngaphandle. Sekungumsebenzi wami manje ukumkhumbuza ngale ngane. Akazi nokuthi idlani futhi igqokani. Ungafunga ukuthi yimina owazalisa ngaphandle. Ngiyithini ngempela le nto yakhe?
Okhathazekile, EGOLI
Impendulo: Ibusisiwe le ngane ngokuba nomama onjengawe. Okwenziwa ngumyeni wakho kubi kakhulu, isikhona ingane manje ngakho kumele abe ngumzali enganeni. Okumele akwenze wukuxolisa kuwena ngokuthola umntwana ngaphandle komshado bese edlala indawo yakhe emntwaneni. Kuhle okwenzayo ngokuba sempilweni yomntwana kodwa umntwana udinga abazali bonke empilweni yakhe.
Hlala phansi nomyeni wakho umazise ngokubona ekwenza emntwaneni nokungadala omkhulu umonakalo emntwaneni uma engashintshi ukwenza. Ngisho ingaba ncane kangakanani ingane kodwa iyakwazi ukuluzwa uthando yingakho umuntu okhule ekhaya elingenalo uthando eba nezingqinamba emva kokuhamba kwesikhathi. Ingane yikhuliseni njengenye yezingane zenu ayizicelelanga ukuza emhlabeni.
Umbuzo: Asisazani njengonkosikazi nendoda nomyeni wami ngisho ngingabhushuzela phambi kwakhe ngizihlikihle kuyena, kuyazifanela nje. Ugcina ngokungiqabula esiphongweni mayeya emsebenzini ukuseni.
Angisazi ngenzenjani ukuze angithathise okukankosikazi wakhe. Ngafa usizi. Ngenzenjani?
MaMsomi. ESCOURT
Impendulo: Isuke inkulu into eyenza indoda ingamufuni unkosikazi wayo ngoba amadoda awafani njengabantu besifazane, bahlezI belulungele ucansi noma nini. Kungenzeka ukuthi uyagula, kunezifo ezenza abantu besilisa bangabi nesasasa kwezocansi njengesifo sikashukela.
Kwabanye uyadikibala uma ngabe ekade ezame ukuthi niye ocansini izikhathi eziningi umnqabele, agcine engasenamdlandla. Mazise ngokubonayo nendlela ongathokozile ngayo ngendlela eniphila ngayo.
Sinesiqiniseko sokuthi umyeni wakho uzophumela obala ngesizathu esenze nafika la nikhona manje. Abanye besilisa benza kanje uma sekukhona akwenza ngaphandle komshado wakhe. Ungayithathi kancane le ndaba – isukumele.
Sithumele imibuzo yakho ku-info@moandphindi. com. Usilandele kuMo&Phindi kuFacebook no-Instagram