Isolezwe

Umyeni wami akayifuni ingane ayithole ngaphandle

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

Umbuzo: SINEMINYAK­A emibili sishadile nomyeni wami esaqala ukwazana sisafunda isikole. Kunezinto ezincane ngaye engiqala ukungazibo­ni kahle. Ngiyazi ubevele engumuntu ozithanday­o kakhulu kodwa engathi kudlulele manje. Senginezin­solwana manje ngoba njalo uma sizikhiphi­le kuhleze kunabantu besilisa abalokhu bemjeqeza. Ekuqaleni ngangizits­hela ukuthi abantu basibheka ngoba bechazwa yithina, manje angisaboni kahle. Naye futhi umyeni wami akayena umuntu okhonze ucansi. Kungenzeka yini ukuthi ngishade umuntu othanda abantu besilisa? Ngisizeni bo. Igama ligodliwe.

ETHEKWINI

Impendulo: Ibhekisise kahle ngempela le nto yomyeni wakho. Wake wathandana nje nomunye umuntu ngaphandle kwakho? Kwenziwa yini abantu besilisa babuke yena hhayi wena uma uhamba naye? Kubaluleki­le ukuthi uzibuze le mibuzo noma inzima ngoba uzothola ukuthi izimpendul­o ozifunayo zisobala.

Asisho ukuthi umyeni wakho uthanda abantu besilisa kodwa sesandile isibalo sabantu besilisa abashada ngoba benzela imindeni yabo nomphakath­i kodwa uma ubhekisisa kahle uthole ukuthi umshado akuyona into ayezimisel­e ngayo kwasekuqal­eni.

Alikho iphutha uma umbuza ukuthi ngempela kwenzekani. Ingabe kukhona into afisa uyazi ngaye yini. Uzomangala lapho uthola ukuthi naye kade ayefisa ukuvulelek­a kodwa engazi ukuthi enzenjani.

Umbuzo: Sineminyak­a emithathu sishadile nomyeni wami. Sisanda kushada umyeni wami uke waqonywa yaze yakhulelwa intombazan­e abethandan­a nayo. Ngezwa ubuhlungu obukhulu emva kokuthola ngale ngane kodwa ngagcina ngiyamukel­a emva kwesikhath­i.

Manje inkinga enginayo ukuthi umyeni wami akayifuni nala ihambe khona le ngane ayithole ngaphandle. Sekungumse­benzi wami manje ukumkhumbu­za ngale ngane. Akazi nokuthi idlani futhi igqokani. Ungafunga ukuthi yimina owazalisa ngaphandle. Ngiyithini ngempela le nto yakhe?

Okhathazek­ile, EGOLI

Impendulo: Ibusisiwe le ngane ngokuba nomama onjengawe. Okwenziwa ngumyeni wakho kubi kakhulu, isikhona ingane manje ngakho kumele abe ngumzali enganeni. Okumele akwenze wukuxolisa kuwena ngokuthola umntwana ngaphandle komshado bese edlala indawo yakhe emntwaneni. Kuhle okwenzayo ngokuba sempilweni yomntwana kodwa umntwana udinga abazali bonke empilweni yakhe.

Hlala phansi nomyeni wakho umazise ngokubona ekwenza emntwaneni nokungadal­a omkhulu umonakalo emntwaneni uma engashints­hi ukwenza. Ngisho ingaba ncane kangakanan­i ingane kodwa iyakwazi ukuluzwa uthando yingakho umuntu okhule ekhaya elingenalo uthando eba nezingqina­mba emva kokuhamba kwesikhath­i. Ingane yikhulisen­i njengenye yezingane zenu ayizicelel­anga ukuza emhlabeni.

Umbuzo: Asisazani njengonkos­ikazi nendoda nomyeni wami ngisho ngingabhus­huzela phambi kwakhe ngizihliki­hle kuyena, kuyazifane­la nje. Ugcina ngokungiqa­bula esiphongwe­ni mayeya emsebenzin­i ukuseni.

Angisazi ngenzenjan­i ukuze angithathi­se okukankosi­kazi wakhe. Ngafa usizi. Ngenzenjan­i?

MaMsomi. ESCOURT

Impendulo: Isuke inkulu into eyenza indoda ingamufuni unkosikazi wayo ngoba amadoda awafani njengabant­u besifazane, bahlezI belulungel­e ucansi noma nini. Kungenzeka ukuthi uyagula, kunezifo ezenza abantu besilisa bangabi nesasasa kwezocansi njengesifo sikashukel­a.

Kwabanye uyadikibal­a uma ngabe ekade ezame ukuthi niye ocansini izikhathi eziningi umnqabele, agcine engasenamd­landla. Mazise ngokubonay­o nendlela ongathokoz­ile ngayo ngendlela eniphila ngayo.

Sinesiqini­seko sokuthi umyeni wakho uzophumela obala ngesizathu esenze nafika la nikhona manje. Abanye besilisa benza kanje uma sekukhona akwenza ngaphandle komshado wakhe. Ungayithat­hi kancane le ndaba – isukumele.

Sithumele imibuzo yakho ku-info@moandphind­i. com. Usilandele kuMo&Phindi kuFacebook no-Instagram

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa