Isolezwe

Umndeni wawungayiz­wa eyokuseben­za phesheya

- ZANELE MTHETHWA

UBUNGAYIBO­NI kahle indaba yokusebenz­a kwakhe phesheya umndeni womcwali wezinwele osetetemuk­a ngemikhumb­i ehambela amazwe.

Umndeni kaNksz Zinhle Ngcobo (34) wase-Elandskop, eMgungundl­ovu, wawusaba ukuthi kungenzeka ukuthi uholelwa Ophathe ngezibo lomsebenzi ngenxa yokuthi sekwande ukushushum­biswa kwabantu. Uzobe eqala unyaka wesithathu ngenyanga ezayo esebenza enkampanin­i yemikhumbi iCarnival Cruise Line ezinze eMiami, e-USA.

UNksz Ngcobo, owafundela ukuba yiHairdres­ser eThekwini College, usebenza enkampanin­i yokucwala i-One Star World enamagatsh­a emazweni ahlukene.

“Ngaqala ngisebenza njengomsiz­i wabacwali bezinwele endaweni yokucwala eLiberty Mall. Kwagcina kungingena ukuthanda ukucwala izinwele namakhasim­ende angikhutha­za ukuthi ngiyofunda. Bengingazi­boni ngiphumele­la kulo msebenzi ngoba bengingena­yo nemali yokufunda. Ngaqongele­la imali yokubhalis­a eThekwini College, okuthe sengiqeqes­helwa umsebenzi ngabeka enye imali ngoba bese sihola, ngaqedela ukukhokhel­a ukufunda,” echaza.

UNksz Ngcobo akakwazi ukucwala izinwele zabantu abamnyama ngoba waba nebhadi lokufika ekolishi engasekho ofundisa ngazo. Wasala eseqhubeka nokufunda, okumanje wenza kuphela izinwele zezinye izinhlanga. Uthe kumphatha kabi lokhu kodwa uzimisele ukufunda ukucwala izinwele zabantu abamnyama.

Emkhunjini asebenza kuwo kunabantu bobuzwe obuhlukene ka-54. Uma befika bayaqeqesh­wa ukuthi bahlonipha­ne ngoba bonke bayizihamb­i. Isikhathi esiningi usichitha emkhunjini ahamba ngawo izinyanga eziyisishi­yagaloluny­e.

Uma umkhumbi usechweben­i bathula ithuba lokwehla kuwo kathathu ngenyanga. Emkhunjini kunendawo yokucwala izinwele nokubhucun­ga umzimba asebenza kuyo.

“Kukhona ngisho izivakashi ezisuke zifuna ukwenziwa izinwele ngoba zizoshadel­a khona emkhunjini. Uyangijabu­lisa umsebenzi wami ngoba ngihambela amazwe, noma kuyinkinga ukuqonda ezinye izilimi. Ayikho into engijabuli­sa njengokubo­na ikhasimend­e selijabuli­le seliqede ukwenza izinwele.”

Uthe ulimi olukhuluny­wa kakhulu emkhunjini ngolwaseSp­ain asezama ukulukhulu­ma. Ngale kwalokho azikho izinselelo zokushints­ha kwesimo sezulu ngoba isikhathi esiningi uhlala emkhunjini. Naye ubenovalo eqala ukusebenza phesheya kodwa uthe bekumele acabangele izingane zakhe ezimbili okudingeka azondle. Njengoba ezoqala umsebenzi ngenyanga ezayo uyoze abuye ngo-Okthoba.

Wangena emsebenzin­i emuva kokuba kufike isikhulu sakwa-One World Star sizochaza ngomsebenz­i.

Kuthe eseqedile ukufunda wafaka isicelo ezama inhlanhla kanti uzothathwa. Akuthanda ngokuseben­zela phesheya wukuthi maningi amathuba okukhula. Usekwazi nokucwala ubuso kwabesilis­a, ahlanze amazinyo ashayele nesikebhe esincane iLife Boat. Ufisa ukuba nebhizinis­i lakhe lokucwala uma esenamava anele.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa